imvelo — isiZulu

Nakuba igama elithi “imvelo” livamise ukusetshenziswa ngumuntu wonke nsukuzonke, yigama okunzima kakhulu ukulichaza kahle. Leli gama lingaba nezincazelo eziningi futhi ezihlukahlukene, futhi lokho kuncike esimweni ngasinye elisetshenziswa ngaphansi kwaso. Futhi empeleni igama elithi “imvelo” linemingcele nemikhawulo elivimbelayo kakhulu, eyenza lingakwazi ukuchaza nokuveza kahle umqondo elizama ukuwuveza. “Imvelo” yigama elinomqondo oncike ezimweni ezithile, futhi lokhu kuyiqiniso elibaluleke kakhulu okumele likhumbuleke. Mayelana nezokuphathwa kwemvelo, nangokwejografi, “imvelo” ichaza ubudlelwano phakathi kwabantu ngokwabo, kanye nobudlelwano babo nezinto zemvelo kanye nezinto ezakhiwe yibona abantu eziyingxenye yemvelo okuphila kuyona zonke lezi zingxenye endaweni ethile, echazekayo. Indawo okutholakala kuyona i-ekhosistimu iyaklameka futhi iboniswe ebalazweni (bheka i-“demarcation”). Ngokwesayensi yemvelo yoqobo igama elithi “imvelo” lisho izingxenye zemvelo nobudlelwano phakathi kwazo, ngaphakathi kohlelo oluthile, futhi abantu abayona ingxenye esemqoka yemvelo leyo. Ngokwesayensi yenhlalo yabantu yoqobo igama elithi “imvelo” likhuluma ngendawo abahlala kuyona abantu kanye nokuxhumana kwemindeni, amaqembu kanye nemiphakathi yabantu futhi imvelo ayiyona ingxenye ebalulekile yalokho. Ezinye izingxenye zemvelo ezibonwa ngeso elibanzi, zihlonzwe njengezingxenye ezakhe “ama-subsystems” (“izinhlelo ezincane ezingaphansi kwezinhlelo ezinkulu) athile kanye nezimo eziphathelene nobudlelwano obuthile, okwenziwa kuzona ucwaningo lwezesayensi olugxilile. Lokhu kubandakanya izimo zomnotho, amasiko nomlando, ukwakha, abasebenzi noma umsebenzi, izimboni, ukuthengisa, ezokuqeda isizungu nokungcebeleka, kanye nokunye okuningi. I-Cradle of Humankind World Heritage Site ingathathwa, futhi icwaningwe, njengendawo yemvelo ebalulekile, kukhona kokubili, umkhakha wesayensi yokwakheka komhlaba (geological) kanye nesayensi yezinsalela zasemandulo (paleontological). Ibalulekile futhi njengendawo enemivukubulo yasemandulo (archaeological), indawo yamasiko nomlando noma yemvelo, iyindawo ebalulekile ekuphathweni kwemvelo kanye nasocwaningweni lwejografi, indawo yokungcebeleka nokwamukela abavakashi, indawo yezomnotho futhi iyindawo ebalulekile nakwezenhlalo yabantu, ngisho nezepolitiki imbala. Ngakho-ke, itemu elithi “imvelo” linezincazelo eziningi futhi ezihlukahlukene, futhi lichaza izinto ezihlukahlukene kubantu abahlukahlukene futhi ngalokho-ke ibaluleke kakhulu ingqikithi nesimo elisetshenziswa ngaphansi kwaso leli temu.