izithombe ezithwetshulwe emoyeni — isiZulu

Inqubo yokuthwebula izithombe phezulu emoyeni, okuyibanga elithe ukuphakama impela kusuka phansi emhlabeni. Isithombe esithwetshulwe emoyeni yisithombe esithathwe ngomshini wokuthwebula izithombe phezulu ebhanoyini, esibonisa isimo somhlaba phansi. Lena yindlela endala kakhulu yokuthatha izithombe ezibonisa isimo sokwakheka komhlaba. Izithombe zasemoyeni zokuqala ngqa zathathwa ngesithwebuli-zithombe esixhunywe kuma-airballoons. Ekuqaleni, lezi zithombe zazisetshenziselwa ukuqapha okuphathelene nezempi ngesikhathi sempi ebizwa nge-American Civil War (1861–1864). Le ndlela yokuqapha kwezempi yasetshenziswa futhi ngamasosha aseBhrithane nesikhathi se-Second War of Independence (ebizwa “nge-Anglo-Boer War”) ezingxenyeni zakuleli lizwe, ngaleso sikhathi ezazibizwa ngamaRiphabhulikhi, okuyi-Republic of Transvaal kanye ne-Orange Free State ngowe-1899–1902. Emva kokwethulwa kwamabhanoyi, aqala ngokushesha ukusetshenziselwa ukuthwebula izithombe zasemoyeni, ebangeni eliphakeme kakhudlwana, lapho ayengakwazi ukufinyelela khona ama-airballoons, futhi zonke lezi zithombe zebhanoyi zazikwazi ukubonisa ingxenye enkulu yesimo sokwakheka komhlaba. Ziningi izinhlobo zezithombe ezithwetshulwe emoyeni, njengalezo ezithwetshulwe esimweni esitshekile (oblique), esimweni esiqondile esibheke phansi (vertical), ebangeni eliphezulu kakhulu emoyeni noma ebangeni eliphansi emoyeni noma inhlanganisela yalezi zimo ezishiwo lapha ngenhla zokuthwebula isithombe. Izithombe zasemoyeni ezidumile futhi ezisetshenziswa kakhulu wuchungechunge olusemthethweni lwezithombe eziqondile ezibheke phansi olwashicilelwa emazweni amaningi (kubandakanya neNingizimu Afrika) futhi ezazitholakala kalula, futhi ezazisetshenziselwa izinhloso eziningi ezihlukahlukene. Ukuhlaziywa kwezithombe zasemoyeni kwaba yindlela yokusebenza yezesayensi edinga ongoti ukwenza lo msebenzi, futhi emva kokuthuthukiswa nokwakhiwa kwamabhanoyi ahamba ebangeni eliphezulu kakhulu emoyeni, akwaziyo ukuzifihla ukuze angabonakali kwi-radar, lokho kwahlinzeka ngethuluzi elihle kakhulu lokuthwebula izithombe ezisezingeni eliphezulu, zezindawo ezithathwa njengezindawo “zesitha”. Izithombe ezithathwe yilawa mabhonoyi ayebizwa “ngamabhanoyi ezinhloli” kanye namabhanoyi esimanjemanje angenamshayeli ahamba phezulu kakhulu emoyeni (abizwa “ngama-drones”) zaholela ekutheni kube nesidingo sokuthuthukiswa kwezindlela ezinohlonze zokuhlaziya izithombe ngenhloso yokuhlonza nokubona konke okuvezwa yisithombe sasemoyeni okuphansi emhlabeni endaweni yesitha. Izithombe ezijwayelekile zaphelelwa yisikhathi ngoba indawo yazo yathathwa yizindlela zesimanjemanje zokuthwebula izithombe zohlobo oluphuma phambili, kepha-ke uma kunesidingo, zisasetshenziswa kakhulu impela izithombe ezijwayelekile njengoba lokhu kwabonakala ngenkathi uphiko lwezobunhloli lwaseMelika i-CIA (Central Investigation Agency of the USA) luthungatha u-Osama Bin Laden, kwaze kwafika isikhathi lapho abanjwa khona wabulawa ngowezi-2012.