ukugxila kwimvelo nokuyenza ibe ngumgogodla wakho konke — isiZulu

Inzululwazi, noma indlela yokucabanga, ebeka imvelo njengomgogodla wakho konke, futhi kusenjalo izidingo zabantu njengentuthuko yezobuchwepheshe neyezomnotho kubekwa emuva, endaweni engabalulekile kakhulu. Lona ngumbono oxakile, ongahambisani nendlela ejwayelekile yokucabanga nokubheka izinto. Lena yindlela yokucabanga elandelwa yizishoshovu zokuvikelwa kwemvelo kanye nezinhlangano eziphishekela ukulondolozwa kwemvelo. Lezi zinhlangano ziyahlukahluka kusuka ezinhlanganweni ezicishe zibe ngama-left-of-centre groups (njenge-Earthlife Africa), kuya ezinhlanganweni ezinobushoshovu obuthanda ukuqina impela, njengezishoshovu ze-Greenpeace kanye namaqembu ezidlamlilo ezilwela ukuvikelwa kwemvelo ezisebenzisa izindlela ezingaqondile kahle futhi okungamaqembu angene kakhulu kwezombangazwe (njenge-Earth First! kanye ne-Environmental Liberation Front yawo-1980), kuyofika ezinhlanganweni zomshoshaphansi zabashokobezi bezemvelo abanodlame. Inzululwazi ebeka imvelo eqhulwini izibonakalisa ngaphansi kwendlela yokucabanga eyaziwa nge-Ekholoji Ejulile (Deep Ecology), elwela ukuvikela amalungelo emvelo futhi egqugquzela indlela yokuphila elula, engasebenzisi ubuchwepheshe, engagxilile ekuqoqeni ingcebo nobukhazikhazi balo mhlaba kanye nezinye izimpahla ezithengwayo.