izindawo zokuhlalisa abavakashi bezemvelo — isiZulu

Izindawo ezivakashelwa ngabavakashi bezemvelo futhi bathole lapho nendawo yokulala kanye nokudla ngenkathi bethokozela ubuhle bemvelo (bheka i-“destination”). Ngaphansi kovakashelomvelo loqobo, izindawo ezinjengalezo ngeke zibe nomthelela ongemuhle kwimvelo. Lokhu kusho ukuthi kulezo zindawo akufanele kube nogesi, akufanele kuhanjwe ngezimoto, akufanele kube nezakhiwo ezakhiwe unomphela, akufanele kube nomsindo, futhi ngokuqinisekileyo akumele neze kube nezinsizakalo zokunethezeka, ezinjenge-air conditioning, futhi kumele zingavunyelwa nangephutha izinto ezithile ezisetshenziswa ngabantu, ezinjengeziqholo zamakha kanye nogwayi. Izinkambo zokuqwala izintaba nokuhamba ngezinyawo ezigangeni nasemaqeleni emvelo ngaphandle kokulekelelwa yizinsizakalo zesimanjemanje ziwumuzwa osondele kakhulu kulowo muzwa woqobo wobumnandi bovakashelomvelo, futhi kusenjalo ziletha umuzwa ongafinyelela kowezinkambo zasemini ezenzeka ngaphansi kwesimo solawulo oluphakeme kakhulu, ezibandakanya amaqembu amancane abantu abakhethekile, futhi ezibiza imali eshisiwe eziya kuma-Galapagos Islands. Kodwa-ke, iningi labavakashi bezemvelo ngabantu abathola imiholo ephakeme futhi kabathandisisi kahle ukuhlangabezana nezimo ezinzima kakhulu ngenkathi bethokozela imvelo. Bafuna impatho eseqophelweni eliphezulu kakhulu ngenkathi bevakashile futhi bafuna izindawo zokulala zikanokusho lapho bezohlala khona ngokunethezeka. Lezi zindawo zokuhlalisa abavakashi bezemvelo ezibizwa ngama-eco-lodges, ezithe chithi saka emhlabeni wonke jikelele, zihlinzeka abavakashi abadla izambane likapondo ngendawo yokulala eseqophelweni eliphezulu, enazo zonke izinsiza zesimanjemanje ezenza impilo ibe lula futhi ezihlinzeka ngokunethezeka okuphuma phambili, kodwa-ke konke lokhu kumba eqolo. Ngokusebenzisa izinkambo zokutetemuka kwabavakashi ngezithuthi ezibahambisa ezindaweni ezikhethekile lapho bezobona khona izilwane zasendle, ikakhulu ezindaweni ezaziwayo lapho kuvamise ukubonakala khona izilwane, abavakashi bayakwazi ukubukela izilwane zasendle ngaphandle kokulahlekelwa wukunethezeka kwabo okujwayelekile. Zikhona izindawo zokuhlalisa abavakashi ezithile eziyimele kahle kakhulu imboni yezovakashelomvelo yonkana, ngoba phela zenza imizamo encomekayo impela yokunciphisa ukukhahlamezeka kwemvelo okubangelwa ezokuvakasha. Ezinye zalezi zikhungo zitholakala e-Okavango Delta e-Botswana, futhi zikhona naseNingizimu Afrika izikhungo zikanokusho eziyisibonelo esihle salokhu.