amazwe asathuthuka — isiZulu

Amazwe angakafinyeleli ezingeni lokuceba, nokusungulwa kwezimboni nenhlalakahle yabantu elilingana nelamazwe asethuthukile ase-Western Europe, North America, Japan, Australia kanye namanye amazwe ambadlwana akwezinye izifunda. Leli temu lavela ngasekupheleni kweminyaka yawo-1970 kuya ngasekuqaleni kweminyaka yawo-1980 lapho lalisetshenziswa khona kuphela ezimweni eziphathelene nomnotho ukuchaza izinga lokusungulwa kwezimboni ezithile kanye nokusabalala kwazo ezweni elithile. Ekuqaleni, kwakusetshenziswa isamba somkhiqizo wezwe (GNP) kanye nesamba somkhiqizo wasekhaya (GDP) ukuhlukanisa phakathi kwamazwe asethuthukile (“acebile”) kanye namazwe asathuthuka “ampofu”. Namuhla sekubhekisiswa nenhlalakahle yabantu uma kuchazwa izinga lentuthuko. Izindlela zokukala intuthuko ezinjengenkomba yentuthuko yabantu (bheka i-“development”), seziyasetshenziswa manje ukuchaza izinga lentuthuko yezwe elithile. Amazwe ase-Afrika kanye namazwe amaningana ase-Asia nawase-South America ayizibonelo ezikahle zamazwe asathuthuka. Lawa mazwe anama-HDIs aphansi, anezindimbane zabantu abangondlekile kahle emzimbeni, izinga eliphezulu lokushona kwezinsana, amazinga aphansi abantu abafundile, inani eliphezulu labantu abangakwazi ukufunda nokubhala, kanye nesilinganiso esiphansi semali engenayo ezweni. Izinga lentuthuko yezwe liyinto encike ezimweni ezithile (bheka i-“development”) futhi iNingizimu Afrika iyisibonelo esihle salokhu. Uma iqhathaniswa namazwe amaningi ase-Afrika, iNingizimu Afrika ibukeka njengezwe “eselithuthukile” njengoba inomnotho omkhulu kunayo yonke iminotho yamazwe ase-Afrika, inesilinganiso esiphakeme semali engenayo ezweni, nezinga eliphakeme lokufunda nokubhala, futhi abantu baphila isikhathi eside uma kuqhathaniswa namanye amazwe amaningi ase-Afrika, futhi kusenjalo inezinga eliphansi lokufa kwenzinsana kanye nezinga eliphansi labantu ababhuqabhuqwa yindlala. Kodwa-ke, uma iNingizimu Afrika iqhathaniswa namazwe asethuthukile njengamazwe ase-Western Europe, Japan, Canada kanye ne-United States of America, kuyacaca ukuthi iNingizimu Afrika iyizwe elisathuthuka, elinezimo nezici ezithile zelizwe eliguqukayo elisendleleni yokuba yizwe eselithuthukile (bheka ama-“countries in transition”).