complementarity — isiZulu

Impumelelo noma udumo lwesikhungo esithile noma indawo yokungcebeleka eheha abavakashi noma indawo eyisimangaliso semvelo (njengesitolo, i-casino noma ibhishi) kuholela ekuthuthukeni kwamanye amabhizinisi aseduzane, futhi lezo zindawo zokungcebeleka ezidumile eziheha abavakashi kanye namabhizinisi aseduzane ancikile (“off-shoots”) akuphazamisani futhi akuqhudelani, kodwa esikhundleni salokho kukhuphula udumo nempumelelo yazo zonke lezo zikhungo ezakhelene. Ngandlela thize, lokhu kuyisibonelo sempumelelo edala enye impumelelo. Emkhakheni wezomnotho ohlobene nejografi, lokhu kuyinto esemqoka kakhulu. Isikhungo esinenxanxathela yezitolo (shopping mall) siyisibonelo esihle salokhu. Esikhungweni esinjengalesi kuba khona isitolo esikhulu esidumile esiba yisiqashi esiyinhloko bese kuthi ezinye izitodlwana eziningi, nezitolo ezingama-emporia (uhlobo lwezitolo ezithengisa impahla), ama-boutiques (izitodlwana ezithengisa izingubo zokugqoka), ama-destination shops, ama-specialisation shops, amabhange, njalo njalo, nazo ziqashe indawo yokuhweba kuleso sikhungo esinenxanxathela yezitolo ngoba phela zazi kahle kamhlophe ukuthi isitolo esikhulu sizoheha izindimbane zabantu okungenzeka bagcine sebengamakhasimende azo zonke lezi ezinye izitodlwana ezincikene nesitolo esikhulu. Kwenzeka into efanayo ncamashi nasembonini yezokuvakasha. Isikhungo esisodwa esichumile esiheha abavakashi abaningi siholela ekuthuthukeni kwezinye izikhungo zokuvakasha ezakhelene naso futhi lezi zikhungo aziphazamisani futhi aziqhudelani kodwa esikhundleni salokho lokhu kukhuphula udumo nempumelelo yazo zonke lezo zikhungo ezakhelene, (ngamanye amazwi lezi zikhungo ziyalekelelana futhi ziyafukulana). Esikhathini esiningi, kuvamise ukuthi endaweni ethile kube khona isikhungo sokuvakasha esiyisikhondlakhondla okuyisona “esiheha abavakashi abaningi” kuleyo ndawo, futhi impumelelo yaleso sikhungo ihlinzeka ngethuba lokuthi kuthuthukiswe nezinye izikhungo zokuvakasha ezakhelene naso. Ngenkathi kusungulwa futhi kuthuthukiswa ezinye izikhungo zokuvakasha eduze kwesikhungo esiyisikhondlakhondla esiheha abavakashi, liyadlondlobala inani labavakashi abavakashela lezo zikhungo ezakhelene, kanjalo futhi kukhule nenani labavakashi abavakashela isikhungo esiyisikhondlakhondla endaweni. Isikhungo esiyigugu lomhlaba i-Cradle of Humankind siyisibonelo esihle salokhu. Sekuphele amashumi ngamashumi eminyaka udumo nesasasa lwemigede yase-Sterkfontein kanye nombukiso wezinsalela zamathambo omzimba ka-Mrs Ples, kuheha izindimbane zabavakashi, abanentshisekelo yokuthola ulwazi oluphathelene nezinsalela zasemandulo. Kodwa-ke kukhona neminye imigede nezizinda zezinsalela zasemandulo ezibaluleke ngendlela efanayo ezakhelene nemigede yase-Sterkfontein futhi osekwenze ukuthi yonke le ndawo engamakhilomitha ngamakhilomitha esondelene nale migede ibonakale njengendawo yamagugu esemqoka kakhulu kangangokuthi yagcina isimenyezelwe ngokusemthethweni njengesikhungo samagugu omhlaba. Ngokushesha emva kwaleso simemezelo, kule ndawo kwathuthukiswa ezinye izindawo eziheha abavakashi, njenge-Maropeng museum of evolution, Savannah Game Reserve, Rhino kanye ne-Lion Nature Reserve, old Kromdraai Goldmine, Cradle Game Reserve, Cultural Village, imizila yokuhamba ngezinyawo nokuqwala izintaba, ama-lodges (izindawo ezilalisa abavakashi), ama-spas, izindawo zokushaywa ngumoya nokupholisa amakhanda ezingaphandle kwedolobha (country escapes), izimakethe okudayiswa kuzona imisebenzi yobuciko neyezandla, kanye nezinye izikhungo ezibamukela ngezandla ezifudumele abavakashi ezakhelene neminye imigede, enjenge-Zwartkrans kanye ne-Kromdraai, kanye nezinye izizinda eziningi. Zonke lezi zikhungo zokuvakasha ziyahlomula ngenxa yokusondelana kwazo nezinye izindawo eziheha abavakashi, futhi zonke lezi zikhungo zifaka isandla ekuheheni izindimbane zabavakashi abavakashela lesi sikhungo esiyigugu lomhlaba. I-Cradle of Humankind world heritage site iwuphawu lwesikhungo esichumile futhi esiphumelelayo esiheha abavakashi ngokulekelelwa ngezinye izikhungo zabavakashi eziningi ezakhelene naso.