ukuguquka kosikompilo — isiZulu

Ukuquka kwezinto ezithile noma izingxenye ezithile zosikompilo leqembu labantu abathile ngokuthi bamukele noma babe yingxenye yosikompilo elihlukile kwelabo futhi lokho okuyinto abayenza ngokuzithandela kwabo, ngaphandle kokuphoqelelwa. Ezemidlalo zisalokhu ziyinto esemqoka kakhulu egqugquzela ukuguquka kosikompilo. Ukwamukelwa kwebhola likanobhutshuzwayo (ibhola lezinyawo) njengomdlalo ohamba phambili emazweni amaningi ase-Afrika kuyisibonelo esihle kakhulu sokuguquka kosikompilo. Ibhola lezinyawo lamukelwe njengomdlalo oyintandokazi ngisho nayilabo bantu base-Afrika abaqoke ukugcina iningi lezinto zabo kanye nemikhuba yabo yendabuko eyingxenye yosikompilo lwabo. Ukwamukelwa emhlabeni wonke jikelele kobuciko bokulwa (martial arts) obuvela kwela-East Asia, umdlalo wendabuko wokungcweka (ritual sparring) ovela kwelase-Afrika, izindlela namasu okulwa asemandulo avela e-Western Europe (isib. i-karate, Kung Fu, tai chi ch’uan, ukulwa ngezinduku [molamo] kanye nomdlalo wasemandulo wokungcwekisana kwabantu abagibele amahhashi bephethe imikhonto emide engacijile) njengemidlalo ethandwa kakhulu ezingxenyeni eziningi emhlabeni kuyisibonelo sokubaluleka kwezemidlalo kanye nendima yezemidlalo ekuguqukeni kosikompilo. Ulimi luyingxenye esemqoka kakhulu kunoma yiluphi usikompilo. Abantu abavamisile neze ukuyeka ulimi lwabo, esikhundleni salo basebenzise olunye, kepha bayalwamukela olunye ulimi njengesiNgisi noma isiFulentshi (French) njengolimi lwabo lwesibili noma lwesithathu ngoba lezi zilimi yizona ezisetshenziswa kakhulu emhlabeni njengezilimi zokwenza ibhizinisi noma izilimi ezisetshenziswa kwezesayensi. Sekuphele isikhathi eside impela uKhisimusi ugujwa njengosuku oluphathelene nosikompilo olubaluleke kakhulu kubantu abangamaKristu (Christians) e-Europe nakumazwekazi aseMelika, kepha kulezi zinsuku lolu suku selugujwa ngisho nayizizwe ezingewona ama-Kristu, nakuba-ke zona zilugubha ngendlela ehlukile. Abantu abaningi emhlabeni jikelele liyabaheha uSikompilo lwaseMelika ngalokho bagcine sebelwamukele. I-Halloween iyingxenye yosikompilo lwaseMelika futhi ayiyona neze ingxenye yamasikompilo aseNingizimu Afrika, kepha kulezi zinsuku abantu abasha bezinhlanga zonke zaseNingizimu Afrika bayalugubha usuku lwe-Halloween. Esikhathini esedlule ibhulukwe likadangala (denim jeans) laliyingxenye yosikompilo lwaseMelika, kepha manje selamukelwe ngabantu ezingxenyeni eziningi mhlabeni jikelele njengempahla ejwayelekile yokugqoka. Ukuguquka kosikompilo kuyinto eyenzeka ngesivinini esikhulu emhlabeni wonke jikelele. Lokhu kungenxa yokukhula kokuxhumana kalula kwabantu abahlukahlukene emhlabeni. Njengoba ukuxhumana nokusebenzisana komhlaba wonkana (bheka i-“globalisation”) sekuguqule umhlaba kwawenza isigodi esisodwa somphakathi wamazwe ngamazwe (global village), sekwenzeka ngokushesha okukhulu impela ukuguquka kosikompilo. Sekukhona ngisho nokwesabela ukuthi kungenzeka ashabalale amasikompilo endabuko athile njengoba abantu emhlabeni jikelele “bemukela futhi belandela usikompilo laseMelika” (“Americanising”). Ukuguquka kosikompilo akufanele kuphanjaniswe nenqubo yokuphoqelelwa kosikompilo oluthile phezu kwabantu, okuyinqubo ongenakho ukuzikhethela ngentando yakho kuyona. Ngesikhathi sokuqonelwa kwamazwe ngabezizwe (imperialist period), abantu balawo mazwe ayengaphansi kwesandla sabezizwe aphoqelelwa ukuthi amukele futhi asebenzise izilimi zabaqoneli (colonial nations). Emva kwempi phakathi kwamaBhunu namaNgisi (yowe-1889 – 1902) eNingizimu Afrika, kwenqatshelwa ukusetshenziswa kolimi lwesiBhunu kuzo zonke izikole zakuleli futhi ulimi lwesiNgisi kwaba yilona kuphela ulimi lokufundisa. Ngesikhathi sobandlululo eNingizimu Afrika, isiBhunu nesiNgisi kwakuyizona kuphela izilimi zokufundisa, futhi kwakucindezelwa ukusetshenziswa kwezilimu zabomdabu kwezemfundo. Ngesikhathi sokuphatha kwama-Nazi ngowe-1933 kuya kowe-1945 izincwadi ezithile, imidlalo yasesiteji kanye nomculo kwakunqatshelwe futhi kungavumelekile neze kwelase-Germany. Kwenzeka into efana ncamashi e-USSR kanye naseNingizimu Afrika ngeminyaka yawo-1970 kuya eminyakeni yawo-1980. Ziningi ezinye izibonelo umuntu angazisho lapha zokuguquka nokuphoqelelwa kosikompilo, futhi nawe kungenzeka ukuthi ziningi oke wahlangabezana nazo empilweni yakho. Ake ucabange nje ngokubaluleka kwe-inthanethi kanye nezinkundla zokuxhumana (social networks) kanye nomthelela walokhu empilweni yakho, okuyizinto ezihambisana nokuguquka kosikompilo. (bheka “demonstration effect”.)