amanzi uguduzayo — isiZulu

Lokhu kusho amanzi ehla endaweni eyehlelayo ngaphandle kokulandela umgudu othile, futhi azihambelayo nje yonke indawo, ngaphezulu emhlabeni, bese uma efinyelela phansi ehlangana akhe umfula noma umfudlana. Lawo manzi emvula angangeni ajule phakathi emhlabathini nasemadwaleni angaphansi komhlaba ayageleza ehle ehamba ngaphezu komhlabathi (okubizwa nge-surface flow, noma i-sheet flow (noma ngamanzi ageleza ngaphezu komhlabathi). Amanzi ageleza ngaphezu komhlabathi ahamba nezinhlayiyana zenhlabathi ephezulu kanye nezimvuthuluka nezicucwana zamatshe. Uma efinyelela phansi lawa manzi agelezayo ayahlangana akhe umfudlana oguduzayo onomhlabathi nezimvuthuluka zetshe obekuthwelwe yilawa manzi ngenkathi egeleza eya phansi. Umthamo nomfutho walo mfudlana kanye nazo zonke izimvuthuluka ezithwelwe ngamanzi kwakha isiguguli-mhlaba (erosion agent) esinamandla kakhulu (bheka i-“erosion”) bese kuvula umgudu ogeleza kalula. Amanzi aguduzayo enza ukuguguleka komhlaba ngezindlela ezihlukahlukene ezinjengokugudluzeka, ukukhumuzeka, ukudleka kanye nokuncibilika (bheka i-“weathering”) futhi esikhathini esiyizinkulungwane ngezinkulungwane zeminyaka noma izigidi ngezigidi zeminyaka kwakheka umgudu woqobo ongumfula. Qaphela ukuthi amanzi aguduzayo awuhlobo lokuguduza nokugeleza kwamanzi phezu komhlabathi, ngoba phela lawo manzi aguduza phezu komhlabathi kodwa-ke wona alandela umgudu othile, okwenza angasabalali yonke indawo. (Bheka i-“drainage basin”.)