ukuphendula — isiZulu

Ukuphendula mayelana nezenzo noma izinqumo zakho enhlanganweni noma kumuntu othile onegunya. Ezweni elibuswa ngokwentando yabantu abavoti bakhetha iqembu lezepolitiki noma umuntu ozophatha izwe. Umholi noma abaholi abakhethiwe banikezwa igunya nomsebenzi wokuphatha izwe futhi kumele baphendule kubavoti ngezinqumo nezenzo zabo. Uma kukhona okungahambi kahle ekuphathweni kwezwe, umholi noma abaholi kumele baphendule kubavoti ngalokho. Uma abavoti bengagculisekile ngendlela enza ngayo umsebenzi anikezwe wona umholi noma abaholi, banelungelo lokuvotela elinye iqembu noma omunye umuntu okhethweni olulandelayo. Esimweni semvelo, wonke omuntu ophilayo unesibopho sokunakekela izinto aphila phakathi kwazo kanye nendawo aphila kuyona, okuyizinto ezakheke ngokwemvelo noma ezakhiwe ngumuntu, futhi akufanele neze asebenzise lezo zinto ngenhloso yokuzuza okuthile okuqondene naye. Thina njengabantu sinesibopho sokuphendula ezizukulwaneni zangomuso ngezenzo zethu kanye nendlela esenza ngayo umsebenzi wethu futhi esifezekisa ngayo isibopho sethu maqondana nokunakekelwa kwemvelo. Izidingo zemvelo zezizikulwane zangomuso zivikelwe yimithetho nezinqubo zikahulumeni. Kahle-kahle lokhu kuncike kakhulu emandleni kahulumeni nokuzimisela kwakhe ukuqinisekisa ukuthotshelwa nokuhlonishwa kwemithetho ebekiwe. ENingizimu Afrika, ukuvikelwa kwemvelo kuyinto evikelwe nguMthethosisekelo WeRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika, uMthetho ongunombolo 73 we-1989, uMthetho Kazwelonke Wokuphathwa Kwemvelo ongunombolo 107 we-1998 (odume kakhulu ngele-NEMA), iSichibiyelo Somthetho Kazwelonke Wokuphathwa Kwemvelo ongunombolo 8 wezi-2004, kanye neminye iMithetho eminingi eqondene nezinto ezihlukahlukene eziphathelene nemvelo.