vulnerability, isimo sokuba sengcupheni — isiZulu

Into ephathekayo noma engaphatheki enobuntekenteke obuthile, futhi elimala kalula. Kujografi, leli temu lisetshenziswa ngaphansi kwezimo eziningi futhi ezihlukahlukene. Iqembu labantu eliphathelene nezepolitiki noma isivumelwano kungaba sengcupheni (isib. i-Palestine kanye ne-EU; ukuthunyelwa nokuhlinzekwa kokudla okuqondene nesimo esiphuthumayo kungaba sengcupheni (isib. e-Southern Sudan kanye nase-Somalia); umphakathi wabantu ababhuqwa yindlala ungaba sengcupheni (isib. e-Darfur kanye nase-Somalia); imicu ecijile elenga phezulu, ngaphakathi emgedeni we-limestone, ebizwa ngama-stalactites isengcipheni enkulu ngenxa yabavakashi abakhiqiza isikhutha i-CO2 futhi abadala ukushisa ngaphakathi emgedeni; i-ekhosistimu yonke ingaba sengcupheni (isib. isifunda sonke sase-Niger Delta ngenxa yokumbiwa kukawoyela); idolobha noma izwe elisendaweni eyithafa eduze komfula omkhulu kungaba sengcupheni ngenxa yezikhukhula (isib. i-New Orleans kanye nezwe lase-Bangladesh lonkana); lingaba sengcupheni futhi nedolobha lonke elakhiwe phezu komfantu womhlaba (faultline) (isib. i-San Francisco kanye ne-Los Angeles); futhi nemitha ngalinye lomhlaba wezwekazi lase-Afrika lisengcupheni ngenxa yokuguguleka komhlaba kanye nokucekeleka phansi kwemvelo okungeke kusalungiseka neze. Empeleni, umhlaba wonkana usengcupheni kanye nazo ezikhona ngaphakathi kuwona. Sivamise ukucabanga ukuthi izinto ezakheke ngokwemvelo kanye nezinto ezakhiwe ngabantu kuqinile futhi kungamelana nanoma yisiphi isimo, kodwa uma singabona nje ukuthi eqinisweni lokhu kusengcupheni engakanani, singakuphatha ngenhlonipho nangokucophelela.