ithopholoji — isiZulu

Incazelo yokuthi indawo ethile itholakala kuphi noma isehlakalo esithile esenzekile, ngaphandle kokubheka ibanga, noma ukuma kwayo noma ukuqonda kwayo. Lena yinqubo endala kakhulu ngoba phela kusukela kudala abantu babelokhu bewadweba ama-topological maps ngenhloso yokubonisa nokuchaza ukuthi atholakala kuphi amapulazi athile, izakhiwo, imifula, amabhuloho noma izizinda eziyingcwele, ngisho nezindawo okugqitshwe kuzona umcebo omkhulu imbala! Ujenene ohola amasosha empini uvamise ukudweba ibalazwe ngenduku esihlabathini ngenhloso yokuchazela amasosha akhe ngesu lempi abalizolisebenzisa, futhi uma ungadweba ngokushesha ibalazwe elibonisa umngani wakho ukuthi kumele ahambe kanjani futhi ngayiphi indlela uma eza ekhaya lakho, wena nojenene nidwebe ama-topological maps. Ithopoloji yamukelwa njengenqubo yezesayensi esemthethweni ngeminyaka yowe-1700s futhi kunezinto eziyingxenye yenqubo yethopholoji, njengemithetho ethile, izakhi eziyisisekelo, imigomo yoguquko kanye nobudlelwano bezemethamathiki imbala. I-topological map ayidwetshwa ngokwesilinganiso sobukhulu esithile futhi izimo (shapes) noma ama-direction noma amabanga, akuqukethe imininingwane enembayo, kepha noma kunjalo umuntu uyakwazi ukuthola indawo ayifunayo. Izindawo ezithile ezibonakala kalula noma ezidumile ziyingxenye esemqoka kakhulu futhi ehamba phambili kuma-topological map, nakuba kungenzeka ukuthi indawo eboniswe kuyona ayinembi ngokuphelele, futhi kungenzeka ukuthi nebanga phakathi kwalezi zindawo ezidumile lingaboniswa ngendlela enembayo. Imboni yezempi kanye neyezokuvakasha zisebenzisa ama-topological maps ngaso sonke isikhathi. Kwigunjana lokuhlinzeka abavakashi ngolwazi umuntu angazitholela kalula ipheshana eliqukethe ulwazi oluphathelene ne-Cradle of Humankind world heritage site, futhi lelo pheshana livamise ukuba ne-topological map ezokubonisa ukuthi zikuphi izindawo ezihlukahlukene ezingaphakathi kulesi sizinda. Kwi-GIS, ithopholoji wubudlelwane bokubeka izinto ngononina phakathi kokuncikana, wukulandelisana, noma ukuxhumana kwezinto. Ubudlelwane phakathi kwezinto ezibekwe ngononina kugcinwa eqoqweni lamathebula ahambisanayo. Ithopholoji iyaqinisekisa ukuthi ukuhlobana ngokwezindawo kwalezi zinto ezibonakalayo kuhlala kufana nxa ukulakanyana kweminingwane kuxoveka, isibonelo, ngokuthi kusetshenziswe uhlobo lokubonisa okuthile.