i-topographical map — isiZulu

Leli yibalazwe elibonisa futhi lichaze ngokuphelele, futhi ngokunembayo, ingxenye ethile yomhlaba. Leli balazwe libizwa ngebalazwe elijwayelekile elinikeza incazelo njengoba libonisa indawo okutholakala kuyona kokubili, izinto ezizenzekele ngokwemvelo kanye nalezo ezakhiwe ngabantu ezihlukahlukene. Ama-topographic maps abonisa izintaba, izindawo ezigudle ulwandle, amabhishi, imifula, izindunduma zesihlabathi, izimila zemvelo, amaxhaphozi, izixhobo zamatshe noma amadwala asemanzini, amagquma, amathafa, izigodi zemifula, ojantshi bezitimela, izikhumulo zezindiza, imizila okuhlala kuyona izindiza, iziteshi zamaphoyisa, amahhotela, izibhedlela, izikole, izinkundla zemidlalo, izindawo zokuhlalisa abantu ezisemakhaya, amadolobha, amasonto, izinyathuko (izindlela zabantu abahamba ngezinyawo), izindawo zesikhumbuzo (monuments), kanye nanoma yiziphi ezinye izinto ezingafakwa ebalazweni ngaphandle kokuligcwalisa ngokweqile, okungenza lingabe lisabonakala kahle futhi lingasebenziseki. Awusizo olukhulu impela lawa mabalazwe ngoba abonisa ibangakuphakama ngaphezu kolwandle (altitude) ngokusebenzisa ama-contourline (imigqa ezungezayo ebonisa ukuphakama) kanye nama-spot height (izindawo eziphakeme). Uma sifuna ukwazi ukuthi yini etholakala endaweni ethile kanye nokuthi izinto zitholakala kuphi nendawo, kumele sithole i-topographic map edwetshwe kahle futhi enemininingwane efanele. Ama-topographical maps angadwetshwa ngokwanoma yisiphi isilinganiso sobukhulu, kepha-ke uma sisikhulu isilinganiso lokho kusho ukuthi kungaboniswa imininingwane eminingi ebalazweni. Amazwe amaningi emhlabeni ashicilela uchungechunge lwama-topographical map asemthethweni ngokweilinganiso esivamise ukusetshenziswa kakhulu esinjengo 1: 50 000 no 1: 125 000 futhi wonke lawa mabalazwe awusizo olukhulu, kodwa-ke uchungechunge lwama-topocadastral map yilona oluvamise ukusetshenziswa kakhulu impela (bheka i-“topocadastral map”).