idatha yendawo — isiZulu

Imininingo echaza indawo/izindawo okutholakala kuyona/kuzona isimo esithile noma into ethile ecwaningwayo. Le mininingo ichaza indawo lapho kutholakala khona into ethile futhi ichaza nokuthi yiziphi izinto ezitholakalayo noma ezenzekayo endaweni ethile. Ibalazwe lingadwetshwa ukubonisa izindawo lapho kutholakala khona leyonto ecwaningwayo. Nakuba into ethile ingatholakala endaweni eyodwa, umthamo noma ubuningi bayo kungenzeka kungafani noma kungalingani kusuka engxenyeni eyodwa kuya kwenye ngaphakathi kuyo leyo ndawo eyodwa; ngakho-ke lokhu kuchaza iphethini lokusabalala kwento ethile ngaphakathi endaweni okutholakala kuyona leyonto. Umbuzo obuzwa njalo yizazi zejografi uthi “kuphi”? (bheka i-“spatial distribution” kanye ne-“spatial pattern”), futhi impendulo yalowo mbuzo yidatha yendawo okutholakala kuyona into ecwaningwayo. Idatha yendawo iyaboniseka “ngokwebalazwe” (okusho, ukuthi ingaboniswa ebalazweni), futhi ivamise ukubizwa ngedatha yejografi, futhi-ke lokho kuyinto engafakazeleka. Izazi zejografi zidweba amabalazwe okusabalala ngokwendawo kwezinto azicwaningayo. Idatha yejografi ingaboniswa ebalazweni (iyaboniseka “ngokwebalazwe”); uma izinto ezicwaningwayo ezitholakala endaweni ethile zingeke ziboniseke ngokwebalazwe, mhlawumbe lokho kusho ukuthi lolo akulona ucwaningo lwejografi. Kunemigede ehlukahlukene e-Cradle of Humankind world heritage site futhi eminye yale migede igqagqene kakhulu. Umuntu ovakashela lesi sizinda angazithola eselahlekile, futhi ngeke akwazi ukuthola imigede ehlukahlukene ngaphandle kokulekelelwa yibalwazwe elihlinzeka ngedatha yendawo, okusho ukuthi, elibonisa ukuthi ikuphi nendawo imigede ehlukahlukene. Ngisho nasendaweni encane imbala, njengendawana eyakhiwe yizitaladi ezimbalwa enkabeni yedolobha lasePitoli, umuntu udinga idatha yendawo ukuze azi ukuthi yimaphi amakhona ezitaladi kanye namaphasishi anobungozi okumele awagweme ukuze aphephe ebugebengwini. Idatha yendawo kanye nokusabalala kwento ethile ngokwendawo yimiqondo emibili okungafanele icutshungulwe ngokwehlukana; empeleni, le miqondo emibili ayihlukaniseki (bheka i-“spatial distribution”).