imithelela kwinhlalomasiko yabantu — isiZulu

Abantu bahlala emiphakathini ehleleke ngokwezigaba ezihlukahlukene, ngokwamasiko nezinkambiso zabo zendabuko. Amasiko abo, imikhuba, izinkambiso zezenkolo, ukuxhumana kwabo emphakathini, njalo njalo, kubonisa uhlelo lwezimompilo namagugu abo kanye nendlela ababona ngayo umhlaba obazungezile. Uma izinxushunxushu zepolitiki ziholela ekuqubukeni kwempi, umphakathi ungahlukana phakathi noma uhlakazeke, futhi uphoqeleke ukuthi uyishiye indawo ohlala kuyona, futhi ushiye nalezo zizinda zawo ezithathwa njengezizinda ezingcwele, ungaphoqeleka ukufunda ulimi olwehlukile noma uthole indawo yawo seyigcwele izindimbane zabafuduki noma ababaleki abatheleka ngesivinini esikhulu bevela kwezinye izindawo noma izifunda bezohlala lapho (bheka i-“refugee” kanye ne-“host community”). Lokhu kuzoba nomthelela omkhulu impela kwinhlalomasiko yomphakathi waleyo ndawo, futhi okuwumphakathi osuhlale lapho isikhathi eside. Abantu bomphakathi wendawo bazithola sebehlangabezana namasiko abangawazi, izinkolo, izinkambiso zenhlalo kanye namasiko futhi lokhu kugcina sekuholele ekutheni luguquke usikompilo lwabo (acculturation) noma kwenzeke ukuguquka kosikompilo ngempoqo (enculturation) imbala (bheka i-“acculturation”). Umphumela wale mithelela wukuganana phakathi kwabantu bendawo nabantu bokufika, ngoba phela ukuguquka kosikompilo kunciphisa ukuxwayana phakathi kwalaba bantu, futhi lokho kuholela ekulahlekeni kwamasiko omphakathi wendawo, futhi balahlekelwe nayindawo yabo abebephila kuyona njengomphakathi onezici zobunjalo ezithile ezifanayo futhi balahlekelwe nawubunjalo babo njengamalungu alowo mphakathi ongumsinsi wokuzimilela endaweni. Ukuba namandla kakhulu kwamasikompilo athile kanye nokusetshenziswa kwawo kakhulu kungenzeka kucekele phansi amanye amasikompilo, okuyinto eyenzeka ngempoqo noma ngokuthula. Lapho abantu bezizwa beheheka futhi befikelwa wuthando losikompilo okungelona olwabo, kungenzeka baqoke ukwamukela nokusebenzisa usikompilo lolo, futhi balahle olwabo. Mayelana nalokhu, umphakathi waseMelika uyisibonelo esimangalisayo impela. Ngenkathi abantu abampisholo baseMelika, befika okokuqala eNyakatho Melika njengezigqila, baphucwa izinkambiso zenhlalomasiko yabo futhi baphoqelelwa ukuthi bamukele futhi basebenzise izinkambiso zabanikazi bezigqila. Inhlalomasiko yezigqila ezazidabuka kwelase-Afrika yacelekela phansi ngokuphelele. Kepha-ke, esikhathini esiyiminyaka engaphezu kwama-200 futhi emva kokudlula ezigamekweni eziningi ezishaqisayo, abantu abahlukahlukene base-USA sebehlangene baba yisizwe esisodwa, ikakhulukazi okuyisizwe esinenkambiso yenhlalomasiko efanayo. Bonke abantu abahlukahlukene abaphila kulo mhlaba kukhona isikhathi noma isigaba emlandweni wabo lapho behlangabezana khona nemithelela ethile yenhlalomasiko, futhi ngandlelathize abantu bayaba nomthelela kwabanye, okungenzeka ube mncane noma ube mkhulu. Kodwa-ke abantu base-Europe, China, India, Brazil, njalo njalo, ayikadungeki inhlalomasiko yabo, ngakho-ke kulula ukubahlukanisa bokubahlonza njengezizwe ezingafani. I-inthanethi seyibe nomthelela omkhulukazi impela kwinhlalomasiko yabantu futhi kungaba kuhle ukuthi kubhekisiswe nokuthi iyoba nomthelela ongakanani esikhathini esizayo.