i-bearing — isiZulu

Inkomba yendawo, iphoyinti eliyinkomba noma inkomba yento uma ikalwe kusetshenziswa ikhampasi ngokweso elikahle lomuntu obukelayo. I-bearing ihlukile kwi-azimuth njengoba phela i-bearing ngeke neze ibe ngaphezu kuka 90° futhi ikaleka kusuka kukona kokubili, inyakatho noma iningizimu. Uma umuntu obukelayo kudingeka ukuthi abheke ngasenyakatho ukuze abone into ethile futhi ekala i-engela phakathi kwaleyo nto nomugqa osuka enyakatho uye eningizimu ethola ukuthi ime ku-15°ngasempumalanga komugqa osuka enyakatho uye eningizimu, i-bearing yalokho (okusho, inkomba yohlangothi okumele umuntu alulandele ukuze ayithole) isuke ingu-N 15° E. Uma kudingeka ukuthi umuntu obukelayo abheke ngaseningizimu ukuze abone into ethile, futhi uma ekala i-engela phakathi kwalokho akubonayo noma akubhekile kanye nomugqa osuka enyakatho uye eningizimu ethola ukuthi ime ku-35°ngasentshonalanga yeningizimu, i-bearing yaleyo nto itholakala ku-S 35° W. Futhi okwenza kube nzima kakhulu ukuqonda lokhu, umuntu obukelayo kumele akhumbule ukuthi inyakatho yoqobo (inyakatho ngokwejografi) ayihambelani ne-magnetic north. I-bearing ingathathwa kusuka ku-magnetic north-south line, noma ku-geographic north-south line (okuyi-north-south line yoqobo). Uma inkomba yesimo sento ethile ikalwa ngekhampasi futhi kusetshenziswa i-magnetic north-south line kumele kwenziwe isilungiso ukuze kutholakale indawo yoqobo okume kuyona into ebonakele. Ukwenza lokho, umuntu kumele azi ukuthi yini i-magnetic declination (bheka i-“magnetic declination”). Eminyakeni engama-20 edlule, uma umuntu ehamba ehlane ephethe ikhampasi kwakudingeka ukuthi abe namakhono ayisisekelo okuhamba endaweni eyihlane ukuze athole ngokuphelele futhi ngokuqondile ukuthi ukuphi; kepha kulezi zinsuku umuntu uthatha i-GPS angene indlela – kuze kufike isikhathi lapho i-GPS yakhe iphelelwa yi-battery!