scoping, ukuhlonzwa komthelela — isiZulu

Lokhu kusho inqubo yokuhlonzwa komthelela. Le nqubo ilandela emva kwequbo yokuhlunga (screening) (bheka i-“screening”) futhi ibandakanya ukuhlonzwa kwemithelela okumele ibandakanywe ngenkathi kwenziwa inqubo yokuhlolwa komthelela futhi iyaveza ukuthi yimiphi imithelela okungamele ifakwe. Umklamo wentuthuko ohlongozwayo – wonkana – kungenzeka ube nomthelela omkhulu kwimvelo, kodwa-ke akuzona zonke izingxenye zomklamo noma imisebenzi ephathelene nomklamo ezingaba nomthelela omubi ngokulinganayo nalokho. Zonke izinto okungenzeka zibe nomthelela omubi kumele ziphenywe futhi zicutshungulwe ngokujulile esigabeni sokuhlolwa komthelela, kodwa-ke kungaba wukumosha imali nesikhathi nje ukuphenya imithelela engenabo ubungozi futhi engenzi umehluko otheni. Inhloso yokuhlonzwa komthelela wukuthatha isinqumo mayelana nokuthi yimiphi imithelela okumele iphenywe noma ifakelwe izibuko, futhi yimiphi okungadingekile ukuthi iphenywe. Ukuhlonzwa komthelela kumele kuhlonze izinto ezibalulekile okumele kugxile kuzona ukuhlolwa komthelela. Qaphela ukuthi zonke izinto ezingaba nomthelela ziyacutshungulwa ngenkathi kwenziwa inqubo yokuhlonzwa komthelela, kodwa-ke lezo ezingenabo ubungozi nomonakalo ongacekela phansi imvelo ziyakhishwa ngenkathi kuqhutshekwa nophenyo. Kunezindlela ezihlukahlukene ezisetshenziselwa ukuhlonza izinto ezingaba nomthelela omkhulu futhi omubi. Inqubo yokuhlonzwa komthelela ikhiqiza umbhalo osemqoka kakhulu, okuyimigomo okuzosetshenzelwa phezu kwayo, ama-terms of reference (ToR) esigabeni sokuhlolwa komthelela kwimvelo. Umbhalo we-ToR “ungumhlahlandlela” (“blue print”) ozosetshenziswa esigabeni sokuhlolwa komthelela. I-ToR engenziwanga kahle noma engaphelele ingaholela ekutheni zingaphenywa ngokugculisayo izinto ezibalulekile, okungadala umonakalo omkhulu kwimvelo, ongeke neze usalungiseka, futhi ohambisana nezindleko eziphakeme impela. Abeluleki bezemvelo kanye nongoti bezemvelo abaningi babona ukuhlonzwa komthelela njengesigaba esisemqoka kakhulu kuyo yonke inqubo edidiyelwe yokuphathwa kwemvelo. Ukuhlonzwa komthelela kuyinqubo engelula neze, kodwa-ke kunemibhalo eminingana eyimihlahlandlela ebonisayo ukuthi lokhu kumele kwenziwe kanjani. Kusemqoka kakhulu ukuthi kubandakanywe bonke ababambiqhaza futhi kumele ihlelwe kahle futhi ilawulwe kahle inqubo yokuhlonzwa komthelela.