izinga lokugqama nokucaca kwesithombe — isiZulu

Amandla efilimu kanye/noma i-lens okuthwebula nokugcina izinto ezithwetshuliwe eziphathelene nendawo ethile. Ukuze kuhlonzwe nemininingwane yezinto encane kakhulu imbala, ezisesithombeni, kumele sibe ne-resolution ephakeme kakhulu. Uma isithombe sifithizela, mincane kakhulu imininingwane esesithombeni engabonakala ngokucacile futhi ihlonzwe kahle. Ngeke neze sibe wusizo isithombe esinjalo. Qhathanisa isithombe esifithizelayo (isithombe esigcwele amachashazi agqagqene kakhulu), nesithombe sikamakoti omuhle esingacacile kakhulu (semi-focussed) kanye nesithombe salowo makoti esigqamile futhi esicace kakhulu (fully focussed). Esithombeni sokuqala ayibonakali neze imininingwane yengubo yomshado kamakoti, kanti nobuso bakhe imbala, kungenzeka bungabonakali kahle. Kodwa-ke esithombeni esine-high resolution kubonakala yonke into, wonke amagqamuzana obuhlalu obumhlobe (pearl), yonke imiphetho nemisiko yengubo kamakoti, futhi nobuso bakhe obumamathekayo bugqamile futhi bubonakala ngokucacile. I-resolution yesithombe ingaqhathaniseka nosayizi wohlamvu (grain size) lokudla okusanhlamvu; okusho ukuthi, uma usayizi wohlamvu lwesithombe umncane lokho kusho ukuphakama kwe-resolution yesithombe. Uma kuhloswe ukufezekisa izidingo zempi, kusemqoka kakhulu ukuthi kube nezithombe ezicace bha. Ngeke neze sibe nosizo isithombe esingabonisi ukuthi kukhona isakhiwo esakhiwayo ezweni lesitha, kodwa uma isakhiwo sithwetshulwe ngesithwebuli esibonisa isithombe esicacile, futhi uma imininingwane yaleso sithombe iveza ukuthi kulelo lizwe kwakhiwa isizinda sokuthumela imicibisholo yeziqhumane, amazwe angomakhelwane angalubheka ngendlela ehlukile lolo daba futhi athathe izinyathelo ezifanele! Imboni yezempi emhlabeni jikelele izama ngakho konke okusemandleni ayo ukuthola izindlela ezintsha zokuqoqa ulwazi ngemishini ekwazi ukuqoqa ulwazi ibe ikude kakhulu nendawo okuqoqwa kuyona ulwazi (bheka i-“remote sensing”), ukuze ikhiqize izithombe ezicace kakhulu ezithathwe ngezithwebuli ezibekwe kude nendawo ethwetshulwayo. Abanye ososayensi abenza ucwaningo kulo mkhakha basebenza ngokugcwele kanti futhi abanye basebenza ngaphansi kwenkontileka. Ngokuhamba kwesikhathi ezinye zalezi zindlela zokuqoqa ulwazi zigcina sezifinyelelile nasemehlweni omphakathi, lapho zigcina khona sezisetshenziswa ngumuntu wonke.