ukufinyeleleka — isiZulu

Ukufinyelela kalula, ukuthola kalula noma ukungena kalula entweni ethile noma indawo. Kunezinto eziningana ezingenza ukuthi kube lula noma kungabi lula ukufinyelela endaweni ethile. Lokhu kubandakanya ibanga, i-altitude (ubude bokuphakama ngaphezu kwezinga lolwandle), izizathu zepolitiki, izinyathelo zokuvikeleka, izenzo ezibonakala njengehlazo nechilo ezingavumelekile ngokwesiko, kanye nokunye okuningi. Isibonelo, idolobha lase-New York lifinyeleleka kalula uma liqhathaniswa nenyanga (moon) ngoba zitholakala kalula izithuthi zokufinyelela e-New York, njengesikebhe, imoto, isitimela, ibhasi noma ibhanoyi futhi lokhu kubiza imali ephansi kakhulu uma kuqhathaniswa nemali yokugibela isiphuphutheki esiya phezulu enyangeni. Kufinyeleleka kalula esiqongweni se-Table Mountain eKapa uma kuqhathaniswa nokufinyelela esiqongweni se-Mount Everest ngoba kune-oksijini encane kakhulu emkhathini phezu kwentaba i-Everest, okwenza kube nzima ukuthi umuntu aphile lapho. Noma yimuphi umuntu osemusha, ozivocavocayo futhi osengumqemane uyakwazi ukukhuphuka ehamba ngezinyawo aze ayofinyelela esiqongweni se-Table Mountain – nakuba lowo kungumqansa impela futhi kukhuphukeka kanzima! – kepha uma umuntu efuna ukukhuphuka aze ayofinyelela esiqongweni sentaba i-Everest, udinga i-oksijini egcinwe eziqukathini ze-oksijini (oxygen canisters) okumele azithwale ngenkathi ekhuphuka eya esiqongweni sentaba (bhekha i-“adventure tourism” kanye ne-“responsible tourism”). Abantu abasebenzisa izihlalo zabakhubazekile ezinamasondo kungenzeka bangakwazi ukungena emabhilidini athile, okwenza lawo mabhilidi angafinyeleleki kubona. Ngenxa yezizathu zepolitiki, abantu base-South Korea kanye nabase-North Korea bakuthola kunzima ukungena nokuphuma phakathi kwalawa mazwe amabili, nakuba lawa mazwe esondelene kakhulu futhi engomakhelwane. Ngenxa yalokho-ke, kunzima kakhulu kubantu base-South Korea ukufinyelela e-North Korea. Ngenxa yezizathu eziphathelene nokuvikeleka, kunzima kakhulu noma kuyinto engenakwenzeka ukuthi umuntu akwazi ukungena eziNdlini Zombuso (Union Buildings) ePitoli (isakhiwo esiyikomkhulu likahulumeni), kodwa-ke noma yiliphi ilungu lomphakathi lingazingenela kalula nje ezakhiweni ze-Unisa ekhempasini yasePitoli. Ukufinyelela olwazini ngesinye isibonelo esihle salokhu. Kulula kakhulu ukuthola ulwazi oluphathelene nemidlalo yebhola edlalwe eNingizimu Afrika, kepha kunzima kakhulu noma kuyinto engenakwenzeka nakancane ukuthi umuntu athole ulwazi oluphathelene nobukhulu bamandla obuxhakaxhaka benuzi (nuclear capability) bezwe laseMelika (USA).