ukuboniswa kwesimo sendawo ebalazweni — isiZulu

Indlela yokubonisa isimo somhlaba esimazombezombe ephepheni eliyisicaba. Lokhu kuboniswa kwesimo esikhona ngempela kubizwa ngebalazwe. Into esemqoka kakhulu ebalazweni wukuthi iphoyinti ngalinye elisebalazweni lihambelana nephoyinti elilodwa kuphela lento ekhona ngempela emhlabeni (okusho, iphoyinti elithile endaweni ethile eliboniswa ebalazweni). Ukuboniswa kwesimo sendawo ebalazweni kubandakanya ukwakhiwa kwegridi enamaqoqwana amabili emigqa ephambanayo. Le migqa ibonisa igridi ebonakala ngamehlo engqondo yama-latitudinal lines (abizwa ngama-parallels) kanye nama-longitudinal lines (abizwa ngama-meridians) engxenyeni engaphezulu yomhlaba. Enye indlela yokuchaza ukuboniswa kwesimo sendawo ebalazweni wukuthi lokhu kuyindlela yokudlulisa i-grid system isuka kwingxenye engaphezulu yomhlaba emazombezombe iye kwingxenye eyisicaba yebalazwe. Inqubo yokubonisa into enesimo sokwakheka esimazombezombe entweni eyisicaba, idinga ukuthi izimo zokwakheka kwezinto noma ama-directions phakathi kwalezo zinto, kube yizimo eziphambene noma eziphaphalazayo. Lokhu kusho ukuthi uma ingxenye enkulu yobuso bomhlaba iboniswa ebalazweni, kumele kukhethwe phakathi kwezimo ezimbili: ingabe ibalazwe kumele libonise isimo soqobo futhi esinembayo sezinto ezithile ezisemhlabeni (njengamazwekazi kanye namachibi amanzi nemifula nezilwandle), noma-ke kumele libonise isimo soqobo mayelana nama-directions. Kuyinto engenakwenzeka neze ukubonisa indawo emazombezombe entweni eqondile ngaphandle kokuphaphalaza okuthile, futhi kuzoya ngokohlobo lokuboniswa kwesimo sendawo ukuthi yizimo zokwakheka kwezinto noma ngama-directions azophambana noma aphaphalaze. Kunezinhlobo eziningi zokuboniswa kwezimo zendawo ezisetshenziswayo kulezi zinsuku futhi umakhi webalazwe kumele akhethe ukuthi ngokunjani ukuphaphalaza okwamukeleke kangconywana kunokunye, aqoke lokho okuzofeza izinjongo zomsebenzisi webalazwe. Kunendlela yesithathu yokuqoka uhlobo lokuboniswa kwesimo sendawo oluzosetshenziswa, okusho, isinqumo sokuthi kokubili, uhlobo olubonisa isimo sokwakheka kwendawo kanye nohlobo olubonisa i-direction kuthanda ukuphaphalaza kancane, kodwa umkhiqizo wokugcina uyayenelisa inhloso noma isizathu esenze ukuthi kudingeke ukuba kwenziwe ibalazwe. Isibonelo esaziwa kakhulu se-“projection of convenience” enjalo yi-Robinson projection esetshenziswa yi-National Geographic Society. Wonke amabalazwe omhlaba aqukethwe ku-National Geographic Magazine asuselwe kwi-Robinson projection. Iyaphaphalaza kancane kukho kokubili isimo sokwakheka kanye ne-direction, kodwa lokhu kuphaphalaza kuncane kakhulu, yingakho-ke i-National Geographic Society yaqoka le ndlela yokubonisa isimo sendawo.