umphakathi wendawo — isiZulu

Iqembu labantu abanento ethile efanayo, ebenza bahlangane babe yimbumba noma ebanikeza umuzwa wokuba yingxenye yeqembu labantu kanye/noma wokuba yingxenye yendawo ethile. Ngokwejografi, indawo ethile okuphila kuyona iqembu labantu ndawonye iyisidingo sokuhlonzwa komphakathi wendawo. Amaqembu abantu anenjongo nentshisekelo efanayo, njengelungelo lokuba ngumnikazi wesibhamu noma abantu abaphila ne-HIV, bangamaqembu abantu abanezinjongo nezimfuno ezifanayo, hhayi imiphakathi; laba bantu “abahlanganiswa” yindawo ethile abaphila kuyona. Kodwa-ke, umphakathi wendawo unento eyodwa ebaluleke kakhulu, okungukuthi, banomuzwa ofanayo wokuba yingxenye yendawo ethile, futhi – kubona – leyo ndawo inomuzwa othile oqondene nayo njengendawo okuhlala kuyona abantu. Laba bantu ngabantu abahlala noma abasebenza noma abavela endaweni eyodwa echazekayo futhi ebahlanganisayo babe ngumphakathi osondelene kakhulu, kodwa-ke futhi kungenzeka babe ngumphakathi ongasondelene kakhulu. Izingane zabantu abahlala endaweni ethile zivamise ukufunda ezikoleni ezifanayo, umphakathi wonke uthenga ezitolo ezifanayo, bayavakashelana emakhaya, bakhonza ezinkonzweni ezifanayo, bayazana kakhulu, futhi bayasekelana ngezikhathi ezinzima. Abantu abakhule ndawonye emphakathini onjalo, kungenzeka bayishiye leyo ndawo bayohlala kwenye, kodwa nakuba kunjalo bazibona beseyingxenye yendawo abakhulele kuyona. Labo kungaba abantu abacebile kanye nabantu abahlwempu, abantu abanethezekile abangomacaphuna kusale kanye nabantu abantulayo. Abantu kanye nezindawo abaphila kuzona baba yinto eyodwa eyimbumba engeke ihlukaniswe lutho, ngisho abanye bangathutha endaweni futhi nendawo yabo icekeleke phansi. ENingizimu Afrika kunezibonelo eziletha umunyu nezinyembezi zemiphakathi yendawo eyahlukaniswa wubandlululo, futhi izindawo okwakuhlala kuzona imiphakathi zacekelwa phansi ngogandaganda. Izibonelo zemiphakathi yendawo yesikhathi esidlule yi-District Six eKapa, i-Sophia Town ne-Triomf eGoli, kanye ne-Lady Selbourne ePitoli. Kulezi zinsuku izibonelo ezinhle zemiphakathi yendawo yi-Diepsloot enyakatho ye eGoli, i-Cross Roads kanye ne-Gugulethu eduze kwaseKapa, i-Mandela City eduze kwasePitoli, kanye nezinye eziningi. Imiphakathi yendawo akuyona imiphakathi ehlala emadolobheni kuphela njengoba kunemiphakathi eminingi impela esezindaweni zasemakhaya ebonisa umuzwa wokuba yingxenye yendawo ethile kanye neqembu labantu elithile. Imiphakathi yaKwadlangezwa, eNkandla, e-Mier, e-Elim nase-Pniel iyizibonelo ezinhle zalokhu. Kuyinto etholakala emhlabeni wonke jikelele ukuba khona kwezindawo namaqembu abantu abonisa ubumbano lomphakathi wendawo oluqinile futhi olunozinzo nokuphilisana ngokuzwana. Kwelase-USA izindawo ezibizwa ngama-“hoods” kanye nama-“Projects” ziyizibonelo zemiphakathi yendawo ehlwempu, bese kuthi izindawo ezinjenge-Staten Island kanye ne-Long Island kube yizindawo ezinemiphakathi yendawo edla izambane likapondo. Abantu abahlala emijondolo emadolobheni anjenge-Kolkota (phambilini eyayibizwa nge-Culcutta) kanye ne-Mumbai (phambilini eyayibizwa nge-Bombay) bakha imiphakathi yendawo enohlonze futhi ekhethekile, bese kuthi ama-favelas (amadolobha ayimijondolo) ase-Rio de Janeiro kube yimiphakathi ekhethekile futhi engakunambithisisi kahle ukuba khona kwezihambi endaweni yabo.