host community, umphakathi osingathayo — isiZulu

Iqoqo lezinto eziphilayo, ezingabantu noma ezingebona abantu, ezihlala endaweni eyodwa ethile futhi ezizithola, ngokushesha noma kancane kancane, kudingeka ukuthi zibekezelele ukuthutheleka kwezinye izinto eziphilayo endaweni yazo, okungenzeka kube yizinto eziphilayo ezingabantu noma ezingebona abantu, ezisuka endaweni eyakhelene nendawo yazo. Laba bantu abasha abagasela endaweni entsha kungenzeka ukuthi babalekile endaweni abebehlala kuyona, baze bazithola sebefinyelela endaweni okuhlala kuyona i-host community. Ku-ekhosistimu yemvelo (bheka i-“ecosystem”), engaphathelene nabantu, amaxhantela (intruders) mhlawumbe abengagcina esefile noma-ke mhlawumbe eseshwabadele ezinye zezinto eziphilayo azithole kuleyo ndawo entsha afikele kuyona, futhi ngalokho kugcine sekuyiwona ashaya amaphiko phezu kwazo zonke izinto eziphila kuleyo-ekhosistimu yonkana. Uma amaxhantela ehluleka ukumelana nesimo asithole lapho kanye nezinye izinto eziphilayo azithole lapho kuleyo e-khosistimu, ayafa noma adlulele phambili. Emiphakathini yabantu, “abagaseli” kungenzeka kube ngabantu ababaleke ezindaweni zabo ngoba besaba ukubulawa, futhi kube ngabantu abangenabo omazisi nezincwadi ezichazayo ukuthi bangobani nokuthi bavelaphi, futhi abanokuxhumana okuncane noma abangenakho nokuncane ukuxhumana nemiphakathi ababaleke kuyona (bheka i-“refugee”). I-host community kungenzeka ingazamukeli ngezandla ezifudumele izifikanamthwalo futhi bazixoshe noma bazibulale nokuzibulala imbala, kodwa-ke lokhu akuyona into evamise ukwenzeka ngoba abantu abaze bangathanda ukubalekela endaweni abayaziyo ukuthi ngeke bamukelwe kahle kuyona. Kukhona nezinhlangano zamazwe ngamazwe ezinjenge-International Red Cross, Médecins Sans Frontièrs, Oxfam kanye ne-United Nations High Commission for Refugees (UNHCR) ezingabasiza ababaleki, futhi zisize ne-host community ukuthi ikwazi ukumelana nesimo ebhekene naso. Kodwa-ke kuyinto engephikwe ukuthi abantu be-host community bazithola bebhekene nenkinga uma kudingeka ukuthi bamukele futhi baphilisane “nezifikanamthwalo ezivela kwamanye amazwe”. Ngisho nakulezo ezingebona ababaleki boqobo, kungenzeka kube nezinkinga njengoba izifikanamthwalo zisebenzisa izinsizakalo zomphakathi, zidinga usizo lwezempilo kanye nemfundo, zithatha imisebenzi, futhi azivamisile ukuba yingxenye ye-host community ngokuphelele. Njengamanje iNingizimu Afrika isingethe izinkulungwane ngezinkulungwane (noma izigidi ngezigidi imbala) zabantu abadabuka kwelase-Zimbabwe, Mozambique, Angola, Nigeria, Ghana, Malawi, Democratic Republic of Congo, Somalia kanye namanye amazwe amaningi ase-Afrika. Ziningana impela izigameko esezenzekile eNingizimu Afrika zokuhlaselwa kwabantu abavela emazweni angaphandle abahlala kuleli, futhi abantu abaningi baseNingizimu Afrika abakuthokozeli ukuba khona kwabantu bakwamanye amazwe kuleli, kodwa-ke kuze kube manje abantu baseNingizimu Afrika sebebonise ukuba yi-host community ezibekezelelayo izifikanamthwalo.