iyuthrofikheshini — isiZulu

Izinguquko eziphathelene namakhemikhali noma izinto eziphilayo ezibangelwe yizenzo zabantu emithonjeni yamanzi angenawo usawoti (fresh-water bodies) njengomfula, ichibi lamanzi noma idamu. Uhlobo lwamanzi olunika impilo ezimileni zasemanzini (Eutrophic water) lunokungcoliseka okukhulu futhi luqukethe umthamo omkhulu wezingxubevange zamakhemikhali, ikakhulukazi izingxubevange ezingama-phosphate noma ama-nitrate. Lezi zinto ezingamakhemikhali yizakhi zezimila zemvelo ezilekelela ukukhula kwezimila zemvelo ngaphakathi emanzini (isibonelo, amazibu [waterlilies] nolwelwe [algae]), kanye nezimila zemvelo zasogwini (isibonelo, umhlanga kanye noqalo) ezimila emathafeni ezikhukhula (floodplain) noma osebeni lwemithombo yamanzi angenawo usawoti. Iningi lalezi zitshalo ngama-pioneer plants akhula ngamandla futhi akhuliswa kakhulu yizakhi ezengeziwe ezitholakala kuma-eutrophic water aqukethe izakhi eziningi. Ukukhula ngamandla kwalezi zitshalo kunciphisa oksijini emanzini. Umphumela walokhu wukuthi izinhlanzi, izinkalankala, izinyoni zasemanzini kanye nezinye izinto eziphila emanzini zikuthola kunzima ukuphila emanzini futhi ezinye zazo ziyafa bese zishabalala kwi-ekhosistimu (bheka i-“ecology”, “ecosystems” kanye nama-“wetlands”). Ngakho-ke, i-ekhosistimu yonkana ingaguquka kakhulu noma icekeleke phansi ngenxa ye-yuthrofikheshini. Imidlalo yokungcebeleka nokuzijabulisa ephathelene nokuntweza ngezikebhe enjenge-boating, waterskiing kanye ne-angling ngeke neze yenzeke kahle emachibini amanzi agcwele izitshalo zasemanzini. Lokhu kungaba nomthelela omubi esifundeni sonkana ngoba kungenza kube nzima ukuheha abavakashi. Umsuka wezinto ezingcolisa amanzi ubandakanya umanyolo noma izivundisi ezisetshenziselwa ukulima izitshalo ezigugulwa ngamanzi ahamba phezu komhlaba angcolile aphuma ezimbonini, angena emachibini noma emifuleni, kanye nezinhlelo zokuthuthwa kwendle ezingasebenzi ngendlela efanele, okuholela ekutheni amanzi aqukethe indle yabantu angene emachibini noma emifuleni eseduzane, okungaba yisenzo esenziwa ngabomu noma-ke mhlawumbe esenzeke ngephutha noma kungaqondiwe. Iyuthrifikheshini ngenye yezinkinga zemvelo okunzima kakhulu ukuzixazulula futhi lokho kudinga imali eningi impela. Esinye sezibonelo ezimangalisayo zeyuthrifikheshini sitholakala edamini i-Hartebees Poort Dam e-Gauteng. Amanzi kuleli damu aqukethe umthamo omkhulu kakhulu wama-nitrates nama-phosphates. Okwenza isimo sibe sibi kakhulu wukuthi ingxenye engaphezulu yedamu ivamise ukuvalwa ngokuphelele wuhlobo lwezimbali okungezona zendabuko ezibizwa ngama-hyacinths ezaguguleka ngephutha zangena edamini eminyakeni eminingi edlule futhi zikhula ngamandla ngenxa yamanzi edamu angcolile futhi aqukethe izakhi eziningi ezikhuthaza ukukhula kwezitshalo. Nakuba kwenziwa imizamo eminingi eqhubekayo yokuqeda izimbali ezingama-hyacinths, ngokusebenzisa izindlela ezihlukahlukene, ayikatholakali indlela ezokuqeda ngokuphelele futhi unomphela ukukhula nokusabalala kwalezi zimbali kuleli damu.