ukucekeleka phansi kwemvelo — isiZulu

Ulahleka ngokuqhubekayo kwamandla endawo ethile okusekela impilo, ngenxa yezenzo zabantu. Ukungcoliseka komoya, ukungcoliseka kwamanzi, ukuklabisa imvuyo ngokweqile, ukulinywa komhlaba othile ngokweqile, ukuguguleka kwenhlabathi, ukusetshenziswa kwezindlela ezingenangqondo zokumba izimbiwa, impi, ukucekelwa phansi kwezimila zemvelo (bheka i-“deforestation”) kanye nanoma yikuphi okunye ukucekelwa phansi kwekhono lemvelo lokukhiqiza kanye namandla okumumatha (carrying capacity endawo ethile ngenxa yezenzo zabantu kungenzeka kube yimbangela yokucekeleka phansi kwemvelo (bheka i-“carrying capacity”). Eyodwa noma ngaphezulu yalezi zimbangela ezishiwo ngenhla ingacekela phansi isiqeshana esithile sendawo yemvelo kangangokuthi zingabi khona izinto eziphilayo (kubandakanya namagciwane) ezingaphila kuleyo ndawo. Zonke izinhlobo zezinto eziphilayo ezikhona namuhla ziyahambelana ngandlelathize nemvelo eziphila kuyona. Uma kwenzeka leyo mvelo iguquka ngokushesha, okungaphezu kokuguquka kwezinto eziphila lapho (kubandakanya nabantu) ukuze isimo sazo sihambelane noguquko lwemvelo olwenzekile, kungaba nokushabalala okukhulu kwezinto eziphilayo emhlabeni. Sekuphele iminyaka eyizigidi ezimbadlwana impela abantu beguqula isimo semvelo, kodwa ngenxa yokukhula kakhulu kwesibalo sabantu emhlabeni kanye nenqubekelaphambili enkulukazi ekusetshenzisweni kwezobuchwepheshe kule minyaka eyi-150 edlule, njengamanje sekwenzeka uguquko olukhulu ngendlela exakile olunomthelela omkhulukazi kwimvelo. Ekuhlaziyweni kokugcina, ukuphathwa kwemvelo kuhlose ukuvimbela ukuthi ukucekeleka phansi kwemvelo kungafinyeleli ezingeni lapho kungeke kusalungiseka noma kubuyiseleke emuva esimweni sayo sangaphambilini. Uma ingaphumeleli imizamo yethu yakamuva yokuphathwa kwemvelo, imvelo kungenzeka icekeleke phansi kakhulu kuze kufinyelele eqophelweni lapho ingeke isakwazi ukusekela izinto eziphilayo, futhi zonke izinto eziphilayo ezikhona emhlabeni njengamanje ziyoshabalala uma kwenzeka lokho. Kusemqoka ukuthi siqaphele ukuthi lokhu kucekeleka phansi kwemvelo kuyinqubo ewumphumela wezenzo zabantu, akuyona into ezenzekela ngokwemvelo. Uguquko lwemvelo oluzenzekela ngokwemvelo aluyicekeli phansi imvelo, kepha luyiguqula kancane kancane futhi lwenza izinto eziphilayo nazo zikwazi ukuguquka kahle ukuze isimo sazo sihambelane noguquko lwemvelo oluzenzekele lona ngokwemvelo. Lokhu bekuyinto ebilokhu yenzeke njalo okungenani kusukela eminyakeni eyizigidi eziyi-3 500 edlule, kodwa manje izenzo zabantu zibangela ukukhuphuka kakhulu kwesivinini soguquko lwemvelo, futhi asinaso nesincane isiqiniseko sokuthi kuyoba yini umphumela walolu guquko lwemvelo olwenzeka ngesivinini esikhulu kangaka. (Bheka i-“extinction” kanye nama-“natural selections”.)