ukukhula komnotho — isiZulu

Inqubekelaphambili yezwe noma yesifunda esithile kwezezimali. Ukukhula okuhle kwezomnotho kubandakaya ukukhula kwempahla nezinsizakalo ezikhiqizwe wumnotho, futhi kusenjalo lokhu kubandakanya nokuba ngcono kwesilinganiso esimaphakathi sesimo sezomnotho kanye nenhlalakahle yabantu bonkana ezweni elithile noma esifundeni esithile. Kodwa ngelishwa-ke, lokhu akuyona into eyenzeka ngaso sonke isikhathi. Emva kokufadalala kwezimakethe zamasheya zomhlaba wonkana ngowezi-2008, amazwe amaningi asethuthukile (bheka i-“development” kanye nama-“developing countries”) awabonisanga ukukhula komnotho, futhi sancipha nesimo sawo sezimali. Lokhu kubizwa nge-negative economic growth (okusho ukuhlehlela emuva komnotho esikhundleni sokuba ukhule). Abantu abaningi balahlelekelwa yimisebenzi yabo, futhi namazwe ngokwawo ahluleka ukukhokhela izikweletu zawo futhi iminotho yawo yangena esimweni esicishe sifane nokuma ndawonye, nokungathuthuki. Kodwa-ke kunamazwe athile asethuthukile angakhahlamezekanga kakhulu ngenxa yalokhu kufadalala komnotho, futhi kunamazwe athile asathuthuka (njenge-Brazil, Russia, India, China kanye neNingizimu Afrika) abonisa ukuba ngamazwe aneminotho ekhula ngesivinini esikhulu. Ukukhula komnotho kukalwa ngezindlela eziningana, okuyi-GNP (bheka i-“development” kanye nama-“developing countries”), imali engenayo kubantu emphakathini, izinga lokuqashwa kwabantu nokutholakala kwamathuba omsebenzi, inani laminyaka yonke labantu abasanda kuphelelwa wumsebenzi okumele bathole isibonelelo esithile sikahulumeni, njalo njalo. Kodwa-ke, umuntu kumele akhumbule futhi ukuthi usemqoka kakhulu nosayizi womnotho. Ukwehla ngephesenti elilodwa komnotho wase-United States of America kunomthelela omkhulu futhi ongemuhle neze uma kuqhathaniswa nokwehla ngephesenti elilodwa komnotho waseNingizimu Afrika. Njengamanje, amazwe aneminotho ekhula ngesivinini esikhulu ngamazwe ombimbi olubizwa nge-BRICS abandakanya i-Brazil, Russia, India, China kanye neNingizimu Afrika.