intuthuko yomnotho — isiZulu

Izinga lenhlalakahle yezezimali kubantu bezwe noma iqembu labantu elithile esifundeni esithile noma endaweni ethile; futhi izinga lenhlalakahle yezezimali kubantu bezwe yisikali esiqondene nezwe lonkana kanti izinga eliqondene neqembu labantu elithile yisikali sesimo sezimali sabantu basendaweni. Intuthuko yomnotho wezwe noma yeqembu labantu, ngokwethiyori, idlula ezigabeni eziningana, okuyisigaba semisebenzi yezomnotho eyisisekelo (njengokulima ngenhloso yokuzitholela okuya ngasethunjini, ukudoba kanye nezamahlathi), kulandele imisebenzi yezomnotho esekelayo (njengokukhiqiza izimpahla ezidingwa ngabathengi) kuyofinyelela emisebenzini yokuhlinzekwa kwezinsizakalo nokuhlinzekelwa kwezidingo zabavakashi (tertiary activities) bese kugcina isigaba sentuthuko yezomnotho esibizwa nge-quaternary stage, lapho imisebenzi eyinhloko kuyimisebenzi ephathelene nolwazi (bheka i-“development”, “developing countries” kanye ne-“dual economy”). Sekuqhanyukwe namamodeli ahlukahlukene okuchaza izigaba zentuthuko yomnotho. Amamodeli adume kakhulu yimodeli ka-Rostow eqondene nabantu abadla izambane likapondo, kanye namazwe asethuthukile, njengamazwe ase-Western Europe nawase-North America, imodeli ka-Barke no-O’Hare eqondene nabantu abadla imbuya ngothi, kanye namazwe asathuthuka njengemazwe ase-Africa nawase-Asia, kanye nemodeli emaphakathi kwalawa amabili angenhla, okuyimodeli ka-Friedman echaza izimo zentuthuko yomnotho eziphathelene nendawo futhi echaza ukusabalala kwamazinga ahlukahlukene omcebo endaweni ethile, njengedolobha noma izwe. Inhlalakahle yabantu enjengokutholakala kwezinsizakalo zokwelashwa, isilinganiso esimaphakathi samazinga okufunda nokubhala kanye nawemfundo, kanye nokutholakala kwezinsizakalo zomphakathi akubhekwa futhi akufakwa uma kuchazwa izinga lentuthuko yomnotho.