umthelela kwimvelo — isiZulu

Umthelela wentutuko yabantu kwimvelo, obangelwa yizinto ezinjengendawo yokuhlalisa abantu, imayini, umgwaqo, isakhiwo esisodwa, umsebenzi wokwakha noma ibhizinisi, kungakhathalekile ukuthi lokhu kukhulu kangakanani. Umthelela kwimvelo unezingxenye ezimbili, okungukuthi, amandla nokujula komthelela kanye nobubanzi bendawo yomthelela. Ngokwethiyori, umthelela kwimvelo kungaba “ngojulile futhi osindayo” kepha onobubanzi obuncane, noma kube “ngolula noma ongajulile kakhulu” kepha onobubanzi obude ngokwendawo owenzeka kuyona. Zonke izakhiwo ezakhiwe ngabantu zidinga ukuthi kusetshenziswe izibaseli, ezokuthutha, ukudla kanye nokuthuthwa kwemfucuza. Lokhu kuvamise ukuthi kungagcini nje kuleyo ntuthuko eyenziwayo, kepha kudlulele ngaphezulu kwalokho, ngakho-ke kudingeka ukuthi kuklanywe isikhala semvelo (bheka i-“demarcation”). Amadolobha, amadolobhana, izikhumulo zezindiza kanye nezakhiwo zezimboni zinomthelela omkhulu futhi obanzi kwimvelo. Izikhungo namabhizinisi ovakashelomvelo anomthelela othile kwimvelo (bheka ama-“eco-lodges”). Ngisho nemizila emincane kakhulu yokuqwala izintaba nokuhamba ngezinyawo emaqeleni inawo umthelela kwimvelo. Kuyinto emangalisayo impela ukuthi ngisho nalezo zindawo zokuhlalisa abavakashi bemvelo ezisezingeni eliphezulu ezizishaya isifuba ngokuthi zona ziyayinakekela imvelo, nazo zinomthelela omkhulu impela kwimvelo, ikakhulu lezo zikhungo ezinemizila okungeyazo lapho kufikela khona amabhanoyi ngaphakathi esikhugweni leso futhi ezinabasebenzi abaningi okumele bahlinzekwe ngendawo yokufihla ikhanda ngaphakathi emagcekeni esikhungo. Inyuvesi enjenge-Unisa inomthelela omkhulukazi kwimvelo. Cabanga nje ngazo zonke izakhiwo, izindawo okupaka kuzona izimoto zabasebenzi, izakhiwo zabafundi, izakhiwo okuhlinzekelwa kuzona izinsizakalo zeposi, izakhiwo zokuxhumana nabafundi abafundela emakhaya ngocingo kanye nezokuxhumana nabo nge-inthanethi. Ngisho ne-Cradle of Humankind World Heritage Site imbala, nayo inomthelela omkhulu kwimvelo onobubanzi obungama-square kilometres amaningana impela endaweni lapho yakhiwe khona engaphandle kwedolobha. Ngenxa yendlela eqhutshwa ngayo, imikhankaso yezempi nayo inomthelela omkhulu kwimvelo. Izindawo zokungcebeleka zabantu abadla izambane likapondo ezinjengamabala okudlalelwa kuwona igalofu, izikhungo zokuntweza ngezikebhe emanzini, imizila yomjaho wezimoto, imizila eyakhiwe ngabantu okuhamba kuyona izimoto zohlobo lwe-4x4 kanye nokunye okuningi, nakho kunomthelela omkhulukazi kwimvelo kepha into exakayo wukuthi lezi zikhungo azivamisile ukufakwa ohlwini lwezinto ezikhahlameza imvelo. (Bheka i-“ecology” kanye ne-“environmental degradation”).