ukuba yisakhamuzi semvelo — isiZulu

Ikhwalithi yemibono yabantu mayelana nemvelo kanye nendlela abaphatha ngayo imvelo. Ngokujwayelekile, wonke umuntu emhlabeni uthathwa njengesakhamuzi semvelo. Abanye bethu bayizakhamuzi zemvelo “ezinhle” ezizama ngakho konke okusemandleni azo ukuphila impilo ebonisa ukukhathalela imvelo futhi enomthelela omncane kakhulu kwimvelo (bheka i-“ecological footprint”). Abanye abazikhathazi nakancane ngomthelela wabo kwimvelo futhi awukho umzamo abawenzayo ukunciphisa umthelela wabo kwimvelo. Kulesi sikhathi samanje okusetshenziswa kusona ezobuchwepheshe kakhulu, nothando olukhulu lwengcebo nezinto zomhlaba, ukuba yisakhamuzi semvelo esihle akuthathwa neze njengento ebonisa ukuziphatha ngendlela eyisibonelo kwabanye abantu. Eminyakeni engamakhulu ambalwa edlule, abantu babephila impilo elula futhi engathembele neze kwezobuchwepheshe. Babephilisana kahle nezinkathi zonyaka (seasons), nesimo sezulu esiguquguqukayo, nobude besikhathi sokubuyela komhlabathi esimweni sawo saphambilini somhlabathi ovundile ngokwemvelo futhi zonke izinhlobo zezinto eziphila ngaphansi komthunzi welanga zazikwazi ukumelana nezimo zemvelo. Ngesikhathi se-Industrial Revolution, kwaguquka konke lokhu (bheka i-“industrial revolution”). Namuhla, bayingcosana kakhulu abantu abangachazwa ngokuthi bayizakhamuzi zemvelo “ezinhle”. Umbutho Wokulondolozwa Nokuvikelwa Kwemvelo waqala ngeminyaka yawo-1960 (bheka i-“ecological niche”) ngenkathi ososayensi sebebona ukuthi imvelo icekeleka phansi ngenxa yezenzo zabantu. Kwethulwa imithetho yokuvikela imvelo, futhi ukwethulwa kwale mithetho kwaqala e-United States of America, emva kwalokho kwalandela i-Canada, ngokuhamba kwesikhathi kwalandela cishe wonke amanye amazwe emhlabeni, kufaka phakathi neNingizimu Afrika, ngenhloso yokulawula umthelela wabantu kwimvelo (bheka i-“environmental management”). Ngandlela thize, lokhu “kuphoqelela” bonke abantu ukuthi babe yizakhamuzi zemvelo ezinhle. Kuze kube manje, ukwahluleka kwemithetho yokuvikelwa kwemvelo kungaphezulu kakhulu kwezimpumelelo ezizuziwe. Ngamafuphi, izizukulwane ezikhona njengamanje azizona neze izakhamuzi zemvelo ezinhle. Nakuba kukhona yonke le mithetho yamazwe ngamazwe kanye nekazwelonke yokuvikelwa kwemvelo, imvelo isakhahlamezeka kakhulu, kangangokuthi singakusho kugcwale umlomo ukuthi izizukulwane eziyolandela ziyothola imvelo ehluke kakhulu kulena esayishiyelwa yizizukulwane ezadlula.