umfanekiso wendawo eheha abavakashi — isiZulu

Umfanekiso ofikayo ezingqondweni zabantu uma becabanga ngendawo ethile. Uma abantu becabanga nge-Kruger National Park, umfanekiso ofika ngokushesha ezingqondweni zabo yi-“Big Five”, okuyizinhlobo zezilwane zasendle ezinhlanu ezinkulu, amabhubesi, izingwe, obhejane, izinyathi kanye nezindlovu. Lowo ngumfanekiso onawo umphakathi wonkana mayelana nale ndawo eheha abavakashi futhi yileso isizathu esenza abavakashi abaningi bavakashele lesi siqiwu. Uma sebebuyile esiqiwini, wonke umuntu uyababuza ukuthi bawabonile yini amabhubesi futhi emva kwalokho babuze nokuthi bazibonile yini ezinye izilwane eziyingxenye ye-Big Five. Zonke izindawo eziheha abavakashi ezidumile zinomfanekiso wazo. Umfanekiso we-New York City yi-Manhattan kanye ne-Statue of Liberty, i-Paris iyamaniswa ne-Eiffel Tower, i-Rome iyamaniswa nezinsalela zezakhiwo zombuso wamaRoma, i-Hong Kong iyamaniswa namabhilidi amade anesiminyaminya sabantu, i-Las Vegas iyamaniswa nokugembula, umfanekiso we-Arizona wugwadule kanye ne-Grand Canyon, umfanekiso we-Egypt ngama-pyramids, umfanekiso we-Russia ngamathafa ambozwe yiqhwa, futhi i-Afrika yonkana idume ngamathafa angodedangendlale agcwele imihlambi yezinyamazane ezinhlobonhlobo, futhi lapho kuvamise ukubonakala khona nemihlambi yamabhubesi ebamba idube (zebra) kanye nezingwenya zidephuna inkonkoni. Kungasho ukuthi abacabangi kahle abakhangisi bezindawo zabavakashi uma bengayisebenzisi le mifanekiso ukuheha izindimbane zabavakashi, futhi inselele yabo wukwenza abavakashi babone ukuthi kuningi abangakuthokozela kulezi zindawo ngaphezu “kwemifanekiso” eyaziwayo yezinto ezidumile ezitholakala lapho. Indawo eheha abavakashi engenaso isithombe esaziwayo noma esidumile kumele isebenzise lokho okuyinto egqamile ethokozelwa kakhulu ngabavakashi ukwenza “umfanekiso okhangayo” ozoheha abavakashi, futhi kumele leyo ndawo iwusebenzise ngendlela efanele lowo mfanekiso ukukhangisa ubuhle nobumnandi obutholakala kuleyo ndawo eheha abavakashi. Isibonelo esihle sendlela ekahle yokusebenzisa umfanekiso wendawo eheha abavakashi yindlela enhle kakhulu esetshenziswa yi-UNESCO ukukhangisa zonke izizinda ezingamagugu omhlaba ezihlukahlukene.