indawo eheha abavakashi — isiZulu

Indawo lapho abantu (abavakashi) bethanda ukuchitha khona isikhashana esincane, njengosuku noma isonto, bengcebeleka noma bezipholele, noma behambele umqhudelwano wezemidlalo noma ingqungquthela, noma beyothola usizo lokwelashwa noma behambe ngomsebenzi noma beyofunda. Kunezindawo ezithile emhlabeni ezithandwa ikakhulukazi ngabavakashi besikhathi esifushane futhi lezi zindawo zithathwa njengezindawo zabavakashi eziphuma phambili. Isibonelo sezindawo ezinjengalezi yi-Cape Town kanye ne-Kruger National Park eNingizimu Afrika; amabhishi ase-Hawaii nase-Rio de Janeiro (ikakhulu ngesikhathi somkhosi obanjwa minyaka yonke i-Rio carnival!); i-Disneyland kanye ne-Las Vegas e-United States of America; i-Bundi Beach kwelase-Australia; amabhishi ase-Bali nawase-Phuket; i-Yosemite National Park e-USA; i-Serengeti e-Tanzania; i-Okavango Delta e-Botswana; idolobha lase-London kanye ne-Paris ikakhulu ngenxa yamabhilidi asemandulo anomlando onohlonze; ikhaya lika-Elvis Presley i-“Graceland” edolobheni lase-Memphis, e-Tennessee (kwelase-USA); i-Cradle of Humankind World Heritage Site e-Gauteng; ngisho ne-Antarctica imbala njengoba isiyintandokazi kamuva nje kulabo bavakashi abangomacaphuna kusale. Abavakashi bezenkolo bavakashela izindawo ezithile eziyingcwele, njenge-Mecca, i-Jerusalem kanye ne-Vatican e-Rome, futhi lezi zindawo zithathwa njengezindawo eziheha abavakashi besikhathi esifushane. Kodwa-ke kukhona nolunye uhlobo lwezindawo eziheha abafuduki abavela kwamanye amazwe, abangena kulawo mazwe ngenhloso yokuzitholela amatoho (bheka ama-“refugees”). Laba bantu bachitha isikhathi eside kulezo zindawo abathole kuzona umsebenzi. Isibonelo salokhu yizindimbane zabafuduki – abasemthethweni kanye nalabo abangekho emthethweni – abavela emazweni asenyakatho yeNingizimu Afrika njenge-Malawi, Zimbabwe kanye ne-DRC abafudukela esifundazweni sase-Gauteng nase-Limpopo ngethemba lokuzitholela amatoho ukuze bakwazi ukuziphilisa nokuzondla. (Bheka i-“attraction”).