ukuthembela kwabantu kwabanye — isiZulu

Umbono ojwayelekile wokuthi abantu abanegalelo emnothweni, okusho, abantu abasebenzayo kanye nalabo abaqhuba amabhizinisi ezweni kumele banakekele nalabo abangasebenzi. Abantu asebekhulile kanye nezingane ezweni elithile abakwazi ukuzisebenzela ngokwabo ukuze bakwazi ukukhiqiza ukudla nokungenisa imali, ngakho-ke bathembele ezinganeni zabo noma kubazali ukuze baphile. Kuyinto eyamukelekile futhi ejwayelekile ukuthi abantu abaneminyaka yobudala ephakathi kweyi-15 kuya kwengama-65 kube yibona abayingxenye enkulu yabantu abasebenzayo futhi abaqhuba amabhizinisi ezweni, futhi bafaka isandla esikhulu emkhiqizweni wezomnotho wezwe. Labo abaneminyaka yobudala engaphansi kweyi-15 kanye nalabo abaneminyaka yobudala engaphezu kwama-65 bavamise ukuba yingxeye enkulu yabantu abangasebenzi. Izingasilinganiso lokuthembela kwabanye libalwa ngenhloso yokubonisa inani labantu abathembele ekhulwini ngalinye labantu abasebenzayo noma abanamabhizinisi. Kucatshangelwa ekutheni kungaba kuhle ukuthi kube nezingasilinganiso eliphansi lokuthembela kwabantu kwabanye njengoba lokho kusho ukuthi ingxenye enkulu yabantu ifaka isandla futhi inegalelo emnothweni. Izingasilinganiso eliphakeme lokuthembela kwabanye liyinto engathandeki neze njengoba lokho kusho ukuthi abantu abayingcosana abasebenzayo kumele banakekele abantu abaningi abathembele kubo. Emazweni acebile futhi athuthukile, amazingasilinganiso okuthembela kwabantu kwabanye aphansi kakhulu uma kuqhathaniswa namazwe ampofu, okungamazwe asathuthuka. Emazweni asethuthukile, amazingasilinganiso okuthembela kwabanye avamise ukuba phakathi kwamaphesenti angama-50 kanye namaphesenti angama-70, kodwa emazweni asathuthuka lokhu kuvamise ukuba ngaphezulu kwamaphesenti ayi-100, okuyinto ebonisayo ukuthi baningi abantu abathembele kwabanye uma beqhathaniswa nabantu abakhiqizayo futhi abayingxenye yomnotho ezweni. Izingasilinganiso lokuthembela kwabantu kwabanye linesikhinyabezi (shortcoming) esisodwa esibalulekile, okungukuthi lisebenzisa iminyaka yobudala kuphela njengendlela yokuhlonza abantu abakhiqizayo futhi abanyingxenye yomnotho kanye nabantu abangeyona ingxenye yomnotho ezweni. Lokhu kubashiya ngaphandle labo bantu abanamandla namakhono okusebenza futhi abafisayo ukusebenza, kodwa abangawutholi umsebenzi (okusho, abantu abangasebenzi). Umbono ojwayelekile wokuthembela kwabantu kwabanye awukwazi ukuthembela kuphela kwizingasilinganiso lokuthembela kwabantu kwabanye njengendlela yokubonisa nokuveza isimo segalelo nokudlala indima ebonakalayo emnothweni kanye nokuthembela kwabantu kwabanye ezweni noma esifundeni esithile.