idatha ephathelene nabantu abahlukahlukene nezimo abaphila ngaphansi kwazo — isiZulu

Lokhu kusho izibalo ezichaza ubunjalo bezimo zabantu. Kukhona izibalo ezinhlobonhlobo ezingasetshenziselwa lokhu, njengezinombolo zoqobo (absolute numbers), izilinganiso ezimaphakathi (means) noma ama-avareji, amaphesenti, ama-quartiles, ama-percentiles, njalo njalo. Izibonelo zalezi zibalo yilezi: inani eliphelele labantu abahlala ezweni, esifundeni noma edolobheni elithile; iphesenti labantu besifazane ezweni elithile, i-avareji yeminyaka yobudala yamadoda ezweni elithile; iphesenti lezingane ezinemiyaka yobudala engaphansi kwe-15 eqenjini labantu elithile abahlala ezweni elithile; izinga lokushona kwezinsana; kanye nokunye okuningi. Lezi zibalo zihlinzeka ngolwazi oluwusizo mayelana nabantu abahlala ezweni elithile. Izazi zeJografi zisebenzisa imifanekiso nemidwebo enhlobonhlobo ukuchaza izimo kanye nezinhlobo zabantu abahlala ezweni elithile, isibonelo, ama-bar charts, ama-population pyramids, ama-pie diagrams, kanye nama-choropleth maps. (Bheka i-“choropleth map” kanye ne-“thematic map”.)