ukuncishiswa kwenani labavakashi — isiZulu

Isu lokuphatha nokulawula ngendlela ezobeka umkhawulo noma inciphise noma ilawule inani labavakashi abavakashela izizinda zokuvakasha ezibucayi. Izikhungo zokuvakasha ezithile, njenge-Disneyland kanye ne-Sun City, ziqinile futhi zakhiwe ngendlela ezokwenza zikwazi ukwamukela nokumelana nezindimbane zabavakashi abavakashela lezi zindawo nsukuzonke. Kepha-ke kukhona ezinye izindawo zabavakashi, njengemigede ye-limestone, imigede yamathuna, izimayini zikasawoti, izixhobo zekhorali (izixhobo zamatshe asolwandle ezinezinsalela zamathambo ezilwane zasolwandle), izindawo zokulondoloza imvelo, iziqiwu, izizinda eziyingcwele, izindawo zokuzindla kanye nezindawo zesikhumbuzo, yizindawo ezibucayi futhi/noma ezingeke zikwazi ukumelana nezindimbane zabavakashi ngaso sonke isikhathi (bheka i-“carrying capacity”). Ngokuqinisekileyo, siyavuma ukuthi ngeke neze kulunge ukutshela umphakathi ukuthi awuvumelekile ukuvakashela isizinda sabavakashi esithile, ngoba phela abavakashi bawumgogodla nomthombo wempilo wanoma yisiphi isizinda sabavakashi. Kodwa-ke, uma isizinda sabavakashi sesiqala ukulimala nokucekeleka phansi ngenxa yokuhanjelwa ngabavakashi abaningi ngokweqile, kumele abaphathi bathathe izinyathelo zokulawula isimo, kungenjalo isizinda sizolimala kakhulu futhi sicekeleke phansi, futhi kungenzeka abaphathi bakhonjwe ngenjumbane “kuthiwe basonge izandla bangenza lutho ekubeni bebona ukuthi siyalimala isizinda sabavakashi esiyigugu lomphakathi”. Kukhona ukukhathazeka, kube kufanelekile, mayelana nokuthi i-Kruger National Park ivakashelwa ngabantu abaningi ngokweqile emini, futhi kukhona ukukhathazeka nangokuqubuka kwezinkambu ezincanyana zabavakashi eziningi ezintsha kulesi siqiwu. Iziqiwu ezinjenge-Yellow Stone kanye ne-Yosemite kwelase-USA zaphoqeleka ukuthi zinciphise inani labavakashi eminyakeni eminingi edlule – futhi lokhu kwakwenzelwa nokunciphisa isiminyaminya sezimoto ezingena kulezi ziqiwu! Ziningi izindlela ezingasetshenziswa ukunciphisa inani labavakashi, njengokukhuphula inani lemali yokungena, ukwenqabela izingane, ukubeka umbandela wokuthi abavakashi babekise indawo ngaphambi kokuthi bafike esiqiwini, ukwenqabela abavakashi abahamba bodwa bengaphelezelwa wungoti onolwazi olunzulu mayelana nesiqiwu (guide), ukuvumela inani elithile labavakashi abangena esiqiwini ngosuku, ukwenqabela ukuthwetshulwa kwezithombe, ukuvimbela abavakashi bangafinyeleli ezindaweni ezibucayi noma ezindaweni ezinezinsalela zempahla eyigugu. Ukuphathwa nokulawulwa kwezokuvakasha akuyona neze into elula nakuba esikhathini esiningi kubukeka kanjalo, futhi njengoba ezokuvakasha zingenye yezimboni ezikhula ngesivinini esikhulu emhlabeni, ziyakhula futhi nezinkinga ezinjengalezi esikhundleni sokuba zinciphe.