CITs, amazwe aguqukayo — isiZulu

Kushiwo lawo mazwe angakathuthuki kakhulu, njengamanje asendleleni yokuthuthuka nokuguquka ukuze abe ngamazwe asethuthukile. Lokhu kuqondene kuphela nokuhlukanisa amazwe ngokomnotho. Ngowe-1977, iBhange Lomhlaba lahlukanisa amazwe ayi-133 ngokwezigaba ezine, ngokubheka imali engenayo ezweni ngalinye ngonyaka (annual per capita income): amazwe anengeniso yomnotho ephansi (low income economies), amazwe enengeniso yomnotho emaphakathi ngokuphansana (lower middle income economies), amazwe anengeniso yomnotho emaphakathi ngokuphakeme (upper middle income economies), kanye namazwe anengeniso yomnotho ephakeme (high income economies). Lawo mazwe asezigabeni ezintathu zokuqala athathwa njengamazwe aguqukayo, okusho ukuthi, ngamazwe asendleleni yokuba ngamazwe anengeniso yomnotho ephakeme. Ukucabangela kwezomnotho (economic assumption) okuyisisekelo salokhu kuhlukaniswa kwamazwe kuhambisana nomcabango wokuthi yonke iminotho yamazwe izokhula futhi ikhuphuke nengeniso yawo wonke amazwe (bheka ama-“developing countries”). Le thiyori yezomnotho ayikaze yamukeleke ngokuphelele ezinhlakeni zonke futhi kusukela ngowe-1977 sekubonakale ubufakazi bokuthi le thiyori iyaphaphalaza njengoba yehlile iminotho yamazwe athile. Inkinga yowezi-2008 yokufadalala komnotho emhlabeni yabonisa ukuthi ngisho neminotho yamazwe anengeniso ephakeme imbala (amazwe asethuthuke kakhulu) kuyenzeka yehle noma iphelelwe ngamandla. Uhlelo lokuhlukaniswa kweminotho yamazwe olwenziwa yiBhange Lomhlaba ngowe-1977 seluludala kakhulu ukuthi lungasetshenziswa ngowezi-2013, futhi ngisho netemu elithi “amazwe aguqukayo” imbala alisasetshenziswa. Namuhla amazwe esingawathatha “njengamazwe aguqukayo” ngamazwe anjenge-BRICS (bheka i-“economic growth”) ngoba iminotho yawo iyakhula nakuba amanye amazwe athathwa njengemazwe anengeniso ephakeme ebhekene nezinkinga eziphathelene nokufadalala komnotho. Amanye amazwe athathwa njengamazwe anengeniso ephansi, ngokwezigaba zokuhlukaniswa kwamazwe zowe-1977), asehlwempu kakhulu kunakuqala futhi asejoyinwe kulesi sigaba ngamazwe abenengeniso emaphakathi ngokuphansana imbala. (Bheka i-“development”, “developing countries”, “economic development” kanye ne-“economic growth”.)