izindawo zokulondoloza imvelo — isiZulu

Kusho izindawo zemvelo noma ezakhiwe ngabantu ezinobuhle obuthile noma izimangaliso ezithile, okwenza zibaluleke noma zibe yingqayizivele kangangokuthi kudingeke ukuba zivikelwe ukuze nezizukulwane zangomuso zikwazi ukuthokozela ubuhle bazo. Izindawo zemvelo okufanele zivikelwe zibandakanya izintaba eziningi ezihlukahlukene, amaxhaphozi, izindawo ezisogwini lolwandle, amahlathi, izimfunda (grasslands), imifula, izindawo eziqukethe izinsalela zezitshalo namathambo asemandulo, izindawo ezigcwele izilwane zasendle eziningi, izindawo lapho kuzalaniswa khona izilwane ezithile, njalo njalo. Izindawo ezakhiwe ngabantu okufanele zivikelwe zibandakanya imikhakha nezingxenye zamadolobha ezihlukahlukene, izindawo okwakuhlala kuzona abantu emandulo, izindawo eziqukethe izinsalela zezinto zasemandulo kanye nokunye okuningi. Ezinye izindawo ezingakhiwanga ngabantu ngokuphelele, njengezinkundla zempi kanye nezindawo zamathuna, nazo zifakiwe ohlwini lwezindawo zokulondoloza imvelo. Wonke amazwe anemithetho yawo yokulondolozwa kwemvelo, kodwa-ke zikhona ezinye izindawo zokulondoloza imvelo ezithile ezivikelwe yimithetho yamazwe ngamazwe (njengoMthetho Wamazwe Ngamazwe Wolwandle) ngokusekelwa ngama-Agencies e-United Nations (anjenge-UNESCO). Kunezindawo ezithile zokulondoloza imvelo okungavumelekile ukuthi abantu bangene kuzona noma bazithuthukise, kepha futhi kwezinye izindawo lokhu kuvumelekile kodwa kuphela ngaphansi kwemithetho nemithethonqubo ethile. I-Antarctica iyisibonelo esihle salokhu. Izwekazi lase-Antarctica lonkana kanye nezingqimba zeqhwa (ice shelves) ezilizungezile kulawulwa yiNhlangano Yezizwe (United Nations) ngaphansi kwesivumelwano samazwe ngamazwe i-International Atlantic Treaty. Ukungena kuleli zwekazi kulawulwa yimithetho eqinile futhi akungenwa noma kanjani nje. Kepha-ke nakuba kunjalo kuvumelekile ukuthuthukiswa kwale ndawo ngaphansi kwemithethonqubo eqinile futhi kuvumeleke kuphela iziteshi zocwaningo zoqobo futhi ezenza umsebenzi wocwaningo woqobo kule ndawo. INingizimu Afrika ingelinye lamazwe ambalwa emhlabeni anesiteshi socwaningo e-Antarctica (esibizwa nge-SANAE, esasungulwa ngowe-1958). Kepha-ke imithetho nemithethonqubo yezemvelo yaseNingizimu Afrika ayisebenzi e-Antarctica, lapho kusebenza khona imithethonqubo ye-International Antarctic Treaty. (Bheka ama-“wetlands”.)