ukubandakanywa komphakathi — isiZulu

Ukubamba iqhaza kwamalungu onke omphakathi othile ekuthathweni kwezinqumo kanye nokuqalisa kokusebenza kwezinqumo eziphathelene nemvelo noma eziphathelene nanoma iyiphi enye into ephathelene nesifunda abahlala kusona abantu. Uma lokhu kubekwa ngendlela elula nje futhi ejwayelekile, kuchaza ukuthi noma yini eyenziwayo iyavumelana nezifiso zabantu abanetshisekelo noma abathintekile (interested and affected parties) (IAPs) – kubandakanya nabantu abahlala lapha, okusho, abantu bendawo. Ukubandakanywa komphakathi kuyingxenye enkulu yenqubo yokuphatha ngokwentando yabantu esetshenziswa kakhulu kulesi sikhathi sanamuhla esiphila kusona. UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika (uMthetho ongunombolo 108 we-1996 [bheka i-“environmental management”]) nawo uyakuhlinzekela ukubandakanywa komphakathi wendawo ekuthathweni kwezinqumo eziphathelene nemvelo futhi lokhu kuchazwa ngendlela eqondile futhi ecacile emthethweni wezemvelo waleli lizwe (umthetho obizwa nge-NEMA, nombolo 107 we-1998). Empeleni, uMthetho Kazwelonke Wezokuphathwa Nokulawulwa Kwemvelo (NEMA), nombolo 107 we-1998, wenza kube yinto ephoqelekile ukubandakanywa komphakathi ekuphathweni nasekulawulweni kwemvelo. Kumele nakanjani bavunyelwe abantu ukuzwakalisa izimvo zabo mayelana nanoma yiziphi izinhlelo zentuthuko ezizoqaliswa endaweni yabo. Ngaphandle nje kokuthathwa kwezinqumo, abantu banelungelo lokubandakanywa ezintweni ezenziwayo endaweni yabo futhi kumele bahlinzekwe ngethuba lokuhlomula kuleyo ntuthuko eyenziwayo, isibonelo, ngokuthi bacatshangelwe kangcono futhi kube yibona abalithola kuqala ithuba nelungelo lokuvula ama-guesthouses noma ilungelo lokuthengisa impahla yabo nemisebenzi yabo yezandla (handcraft) kuleyo ndawo.