i-commodification — isiZulu

Ukuguqulwa kwezingxenye noma izici ezithile ezakheke ngokwemvelo noma ezakhiwe ngabantu zemicimbi yenhlalo-masiko (socio-cultural events) ukuze zibe yimithombo enenzuzo. KwiJografi lokhu kuphathelene ikakhulu nokuguqulwa kwezinto ezithile ezikhona njengamanje ukuze zibe yizinto eziheha abavakashi futhi ezingenisa imali eningi. Emklamweni wokubambisana phakathi kukahulumeni nabamabhizinisi azimele idolobha elincane elidala lase-Pilgrims’ Rest, ebelicishe lifane nendawo esilahliwe futhi obekungenzeka ligcine selishabalele laguqulwa laba yindawo eheha abavakashi futhi engenisa imali ngokuthi kuvuselelwe izakhiwo ezithile luleli dolobha, kulungiswe nezikhungo ezihlalisa abavakashi namahhotela futhi kuvuselelwe nalezo zizinda ebezingasanakiwe kuleli dolobha, zokuhlwaya igolide ngokulisefa ngamapani nezindishi lapho abavakashi behlinzekwa khona ngethuba lokuzicingela igolide, nokulekelelwa kosomabhizinisi ukuthi basungule amabhizinisi ezobuciko nemisebenzi yezandla, nokusungulwa kwemizila yokuhamba ngezinyawo yabavakashi abafuna ukuyobuka nokuthokozela ubuhle bendalo ezindaweni ezingaphandle kwedolobha, kanye nokukhangiswa kwaleli dolobha njengendawo ehehayo futhi ethandekayo kubavakashi. Kwenziwa into efanayo futhi mayelana nesizinda samagugu omhlaba i-Cradle of Humankind (bheka i-“complementarity”). Imicimbi yezamasiko enjenge-Grahamstown Festival, i-Klein Karoo Nasionale Kunstefees, i-Kultuvaria e-Paarl kanye nedili lomculo i-Oppikoppie pop music festival nayo ingathathwa njengokuguqulwa kwemicimbi yezamasiko ukuze ingenise imali, kodwa-ke alikho iqhaza elibanjwa yiziphathimandla zikahulumeni kulokhu. Ngaphandle nje kwamathuba ahlinzekwa yile micimbi kuzo zonke izinhlobo zamaciko (artists), imiphakathi yendawo nayo ingazenzela inzuzo enkulu ngokuhlinzeka ngezindawo zokulala kanye/noma okuya ngasethunjini ezindimbaneni zabantu abahambela leyo micimbi. Le micimbi ihlinzeka futhi nabathengisi bemisebenzi yezobuciko kanye neyezandla ngethuba lokuthengisa imisebenzi yabo ukuze bazenzele imali; abakhi bemikhiqizo yendabuko enjengobuhlalu kanye nezinto ezibazwe ngokhuni nabo bathola ithuba elihle kakhulu lokuzenzela imali kule micimbi ngokuthengisa imisebenzi yabo. Ngakho-ke uma sekubhekwa konke lokhu, le micimbi yezenhlalo-masiko ihlinzeka abantu ngethuba lokuthi baziphilise futhi benze inzuzo, futhi lokhu kwenzeka ikakhulu ngaphandle kokubandakanywa kukahulumeni. Ngasohlangothini lwezenhlalo-masiko, lawa mathuba noma imicimbi yokuguqula izinto ezithile zibe yindlela yokungenisa imali kuyinto edingeka kakhulu ngoba kwenzeka emazingeni aphansi lapho kuhlomula khona imiphakathi, futhi le micimbi iyaziqhuba futhi izisekele ngokwayo ngaphandle kokuthembela kakhulu kuhulumeni, futhi lokhu kwenza ukuthi isimame, iqhubeke isikhathi eside uma iqhathaniswa nezinhlelo zesikhathi esifushane eziqhutshwa nguhulumeni.