ukuhlukahluka kobunjalozwe — isiZulu

Isilinganiso sesikhathi eside sobunjalo besimo sezulu asiyona neze into ehlala injalo ngaso sonke isikhathi, futhi engaguquki. Siyaguquguquka ngokuqhubekayo ngokuhamba kwesikhathi, futhi njengoba izimo zezulu zihlukile ngokwezindawo ezihlukahlukene (bheka “climate”), ubunjalozwe emhlabeni buyaguquguquka ngokuqhubekayo. Ngakho-ke, ubunjalozwe buyingxenye yohlelo lomhlaba nomkhathi oluhlukahlukayo kakhulu. Ukuhlukahluka ngokwendawo nesikhathi kungenzeka ukube yisona sici nophawu olusemqoka kakhulu lobunjalozwe (bheka i-“space-and-time perspective”). Ukuguquguquka kobunjalozwe yinqubo eyenzeka ngokwemvelo ngokuphelele (bheka “climate change”). Zonke izingxenye zomhlaba sezike zahlangabezana nezimo eziningi zokuguquguquka kobunjalozwe esikhathini esingaphezu kweminyaka eyizigidi ezintathu noma ezine. Lokhu kuhlukahluka kwezimo esikhathini eside kwenzeke eminyakeni eyizinkulungwane ngezinkulungwane – okusho ukuthi kwenzeka ngesikhathi sokwakheka nokuthuthuka komhlaba (geological time) – futhi ngenxa yalokho-ke irekhodi lalezi zinguquko libonakala kahle kwindlela okwakheke ngayo amadwala emhlabeni. Amadwala abonisa ubunjalo besimo sezulu esabe sikhona ngenkathi akheka. Ngenxa yalokho-ke, amadwala aqukethe umlando ophelele wokuhlukahluka noma wokuguquguquka kwesimo semvelo ngokwendawo nesikhathi. Ngokucwaninga nokucubungula amadwala, siyakwazi ukuthola ngempela ukuthi kuyinto ekhona futhi eyenzekayo ukuguquguquka kwemvelo, kodwa-ke asikakwazi ukuchaza zonke izizathu ezibangela lokhu kuguquguquka okulokhu kuqhubeke njalo. Siyakwazi ukuchaza ngokugculisayo ukuhlukahluka kobunjalozwe ngokwendawo, kepha-ke kuncane kakhulu esikwaziyo mayelana nokuhlukahluka kobunjalozwe ngokwesikhathi. Kule minyaka eminingi ezayo, kusazoba ngumsebenzi omkhulu ohlalele ososayensi ukuchaza yonke imininingwane yomlando omude womhlaba. Njengamanje ukuhlukahluka kobunjalozwe kuwuhlobo oluthile lwesivuvu sokushisa komhlaba (global warming) okucwaningwa ngososayensi, abaxoxisana ngakho bonke abantu, okubhalwa ngakho ezincwadini namabhuku ezesayensi kanye namabhuku kawonkewonke, okuyisihloko okuxoxwa ngaso ezingqungqutheleni zamazwe ngamazwe eziningi futhi okuyinto enamandla eqhuba futhi ikhuthaze imboni okutshalwe kuyona imali eyizigidi ngezigidi. Ithiyori yesivuvu sokushisa komhlaba ibonisa ukuthi imisebenzi yabantu nezenzo zabo yikona okubangela, noma okungenani okusheshisa ukuguquguquka kobunjalozwe emhlabeni. Sekuyocaca ngokuhamba kwesikhathi ukuthi lokhu kuyiqiniso elimsulwa noma cha. (Bheka i-“global warming”, “space-in-time perspective”, “spatial data”, “spatial distribution” kanye ne-“temporal change”.)