ubunjalozwe — isiZulu

Isilinganiso sesimo somkhathi – okusho isimo sezulu (bheka i-“weather”) – esenzeka endaweni ethile esikhathini eside, okungenani okuyisikhathi esiyiminyaka engama-20, kodwa kungaba kuhle uma lokhu kuba yisilinganiso seminyaka engama-35. Ngokuqopha phansi isimo sezulu sendawo ethile nsukuzonke kuze kuphele okungenani iminyaka engama-20 noma ngaphezulu, singasiqagula isimo sezulu esijwayelekile esitholakala endaweni ethile ngenkathi yonyaka ethile. Isilinganiso sesimo sezulu esijwayelekile esiqaguliwe sendawo ethile sibizwa ngesimo sezulu esijwayelekile saleyo ndawo, futhi ngokususela emininingwaneni eyiqiniso eqoshwe phansi esikhathini eside, siyakwazi ukuchaza ubunjalo besimo sezulu esijwayelekile esitholakala kuleyo ndawo. Ubunjalozwe bendawo ethile buhlonzwa ngokubheka ukuthi leyo ndawo itholakala kuphi ngokwelathithudi (latitudinal location), nokuphakama kwayo kusuka olwandle kanye nezinye izimo eziningi ezenzeka kuleyo ndawo. Noma iyiphi indawo kuyenzeka ihlangabezane nezimo zesikhashana ezihlukile kubunjalozwe “obujwayelekile” futhi obulindelekile kuleyo ndawo. Izinkathi zonyaka ezomisile, okungenzeka zihambisane nesikhathi eside sokungatholakali kwemvula, esingafinyelela ngisho esikhathini esingangonyaka noma ngaphezulu imbala, zingenzeka nakulezo zindawo lapho kuvamise ukuthi kutholakale khona ubunjalozwe “obujwayelekile”, obunezimvula ezitholakala unyaka wonke. Izindawo ezibandayo kuyenzeka nazo zihlangabezane nesimo esingajwayelekile sokushisa, kanti izindawo ezomisile kuyenzeka zithole izinkathi zonyaka ezingajwayelekile ezihambisana nokuna kwezulu, njalo njalo, kodwa-ke zonke izindawo ezikhona emhlabeni zinobunjalozwe “obuvamisile” noma “obujwayelekile” obutholakala kulezo zindawo, okuyincazelo yesimo esijwayelekile esivamise ukutholakala lapho, futhi esesiqhubeke iminyaka ngeminyaka kuleyo ndawo. Kuyenzeka buguquke ubunjalozwe obujwayelekile endawo ethile ngenxa yezizathu eziphathelene nesimo semvelo, kodwa-ke lezo zinguquko zenzeka esikhathini eside impela, okungaba ngamakhulu-khulu eminyaka noma izinkulungwane ngezinkulungwane zeminyaka. (Bheka i-“climate change” kanye ne-“climate variability”.)