Ama-Choropleth maps — isiZulu

Lawa ngamabalazwe aqondene nezingqikithi ezithile (thematic maps) lapho izinga nobukhulu bokusabalala kwabantu nezakhiwo ezithile kubalwa futhi kuboniswe ngemibala noma imidwebo enemibala ethile ngaphakathi kwemingcele yezindawo ezithile, okuyizindawo zoqobo zokuphatha nokulawula (actual administrative units) ezinjengamapulazi, izifunda, izindawo zokuhlalisa abantu ezisemadolobheni (suburbs), amazwe kanye amazwekazi imbala (bheka i-“thematic map”, “cadastral map” kanye ne-“topocadastral map”). Incazelo (noma inkomba) ebonisa ukuthi umele ini umbala ngamunye iyadingeka futhi isemqoka kakhulu ukuze umuntu akwazi ukufunda ibalazwe. Ama-Choropleth maps ngamanye amabalazwe asetshenziswa kakhulu kuJografi, kepha-ke anezikhinyabezi (disadvantages) ezithile okumele zikhumbuleke kwizazi zejografi. Isikhinyabezi esikhulu noma isithiyo wukuthi kusetshenziswa umphumela wohlaziyo oqagulwa ngokubheka uhlaziyo lwangaphakathi lwendawo ethile (intra-areal spatial generalisation) (okuwuhlobo oluthile lwemiphumela etholakala ngohlaziyo lwendawo ethile (spatial generalisation) ngaphakathi kwendawo yokuphatha nokulawula ethile (bheka i-“spatial interpolation”, “interpolation” kanye ne-“extrapolation”) okuyinto engaholela ekutheni kuvele umfanekiso-mbumbulu wendawo ethile noma umfanekiso ophaphalazayo (spurious spatial image). Iphephabhuku i-National Geographic Magazine, okuyilona iphephabhuku lejografi elifundwa kakhulu futhi elifundwa ngisho nangabantu abangazi lutho ngejografi, livamise ukusebenzisa ama-choropleth maps. Abafundi baleli phephabhuku abangazi lutho ngejografi abakwazi ukuhlaziya imiphumela yohlaziyo equkethwe kulawa mabalazwe futhi abakwazi ukubona ubuhle nobubi balawa mabalazwe. Ngenhlanhla, iNhlangano Kazwelonke YezeJografi (National Geographic Society) yinhlangano elandela inkambiso elungileyo kwezesayensi futhi ihlonishwa kakhulu kwezejografi futhi-ke ngeke neze ishicilele ibalazwe eliqukethe ulwazi olungaqondile, oluphaphalazayo futhi oludukisanayo.