ukugunyazwa — isiZulu

Ukugunyazwa ngokusemthethweni okuthile okufakazela ukuthi indawo yezokuvakasha ethile iyahlangabezana nezidingo ezithile noma imigomo namazinga athile abekiwe. Izinhlangano zomhlaba ezinjenge-United Nations Agency for Education, Science and Culture (UNESCO) noma izivumelwano zamazwe ngamazwe ezinjenge-Ramsar Convention (bheka “izivumelwano”) zingasihlinzeka isizinda esithile (okungenzeka kube yindawo ethile noma indawo yemvelo engudedangendlale) ukugunyazwa nokwamukeleka okusemthethweni uma sihlangabezana nemigomo namazinga athile. Ukugunyazwa nokwamukeleka okusezingeni lomhlaba kuwakhuphula kakhulu amathuba aleyo ndawo kanye nezinye izindawo ezakhelene nayo okuheha abavakashi. Ukubaluleka kwemivukubulo noma izinsalela zamathambo abantu noma ezilwane ezaziphila emandulo (archaeological remains) atholakale emigedeni yakuleli enjenge-Cradle of Humankind world heritage site, kubandakanya nemigede yase-Zwartkrans, Sterkfontein kanye ne-Kromdraai, kuyahlangabezana nayo yonke imigomo namazinga abekwe yi-UNESCO okumenyezelwa ngokusemthethweni kwendawo ethile njengendawo enokubaluleka okuthile emhlabeni. Lezi zindawo sezamukelwe futhi zagunyazwa ngokusemthethweni njengezindawo ezingamagugu omhlaba. INingizimu Afrika inazo ezinye izizinda ezingamagugu omhlaba, njenge-Vredefort Dome (indawo eyisiyingi ewumphulela wesigameko sokungqubuzana komhlaba (Earth) nedwalakazi elivela emkhathini (meteorite) eminyakeni eyizigidi ngezigidi eyadlula, kanye ne-Mapungubwe Hill ancient archaeological site esengxenyeni eseningizimu yesifundazwe saseLimpopo. Ukugunyazwa ngokusemthethweni okunjengalokhu kusho ukuthi kunezinto eziphathelene namazinga okuphatha aphoqelekile okumele afezekiswe futhi agcinwe. Uma kwenzeka ehla amazinga okuphatha nokulawula, aze afinyelele ngaphansi komkhawulo obekiwe futhi odingekayo, kungenzeka kuhoxiswe ukugunyazwa ngokusemthethweni kwesikhungo noma kwendawo ethile. Umsebenzi wakamuva wokumbiwa kwezimbiwa eduze kweMapungubwe world heritage site kwabeka lesi sikhungo engozini yokuhoxiswa kokwamukelwa nokugunyazwa kwaso ngokusemthethweni njengendawo yamagugu esezingeni lomhlaba. Kwadingeka ukuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika angenelele ukuze alawule umsebenzi wokumbiwa kwezimbiwa kuleya ndawo ngenhloso yokuvikela ukugunyazwa nokwamukelwa ngokusemthethweni kweMapungubwe njengendawo yamagugu esezingeni lomhlaba. Kunezinhlobo zokugunyazwa ezihlukahlukene ezihlinzekwa yizinhlangano ezihlukahlukene ezihlonishwayo futhi ezisemthethweni, kepha ukugunyazwa okuhlinzekwa yi-UNESCO kanye ne-Ramsar (bheka ama-“wetlands”) yikona okudume kakhulu emhlabeni. Uhlobo lokugunyazwa olungadumile kakhulu yi-Blue Flag, okuwukugunyazwa okunikezwa amabhishi anezindawo nezinsizakalo zokungcebeleka ezisezingeni eliphezulu kakhulu, kubandakanya nezokuphepha. Maningi impela amabhishi aseNingizimu Afrika asenikezwe lokhu kugunyazwa nokuhlonishwa okusemthethweni, njenge-Marina Beach, KwaZulu-Natali. Ukugunyazwa okusezingeni lomhlaba okuhlinzekwe ngenye yezinhlangano ezihlonishwayo emhlabeni kusemqoka kakhulu kunoma yisiphi isizinda semvelo noma samasiko esibalulekile. Uma isizinda esithile sesikutholile ukugunyazwa okunjengalokho, kumele yonke imizamo yokuphatha nokulawula iqondiswe ekuqinisekiseni ukuthi kuyagcinwa lokho kugunyazwa kwesizinda okusezingeni lomhlaba.