ibhayothekhnoloji — isiZulu

Indlela yokusebenzisa izinto eziphilayo, noma izingxenye (izikhuthaza-lushintsho, noma ama-enzayimu) ezithathwe ezintweni eziphilayo, ukukhiqiza noma ukuqeda nokususa izinto ezithile eziphilayo ezingathandeki. Ukulawula ngokwemvelo izilwanyazana noma izinambuzane eziwuhlupho ezicekela phansi izitshalo nezivuno wumkhakha wezesayensi osemqoka kakhulu kulezi zinsuku. Esikhathini esiningi lokhu kwenzeka ngendlela engayicekeli phansi imvelo futhi kushibhile kakhulu ukusebenzisa izilwanyazana eziphilayo noma ezakheke ngokwemvelo ukulawula nokubulala izinambuzane noma izilwanyazana eziwuhlupho ezicekela phansi izitshalo. Ukusetshenziswa kwezibulali-zinambuzane noma izibulali-zitshalo zokuzenzela kumba eqolo futhi kucekela phansi imvelo ngoba kuyenzeka kubulale nezilwanyazana eziningi ezimsulwa, ezingelona neze uhlupho futhi ezingawenzi umonakalo ezitshalweni. Ngaphezu kwalokho, izibulali-zinambuzane zigcina zingasazweli kwezinye izinambuzane eziwuhlupho, okwenza singabi nayo indlela ewusizo yokuvikela izitshalo zethu kulezo zilwanyazana eziwuhlupho. Kodwa-ke, ibhayothekhnoloji ayenzelwe nje kuphela ukubulala izilwanyazana eziwuhlupho; ngoba phela isetshenziswa kakhulu futhi nasekuthuthukisweni kwezinhlobo zezitshalo ezintsha ezikwaziyo ukumelana nezimo ezinzima, futhi ezikhiqizeka ngomthamo omkhulu, futhi ibhayothekhnoloji iyasetshenziswa nasekuthuthukisweni kwemithi namakhambi okwelapha awusizo olukhulu.