amaxhaphozi — isiZulu

Umhlaba ogcwele amanzi, futhi lapho amanzi engagelezi kalula, futhi umhlabathi waleyo ndawo uhlala uchichima amanzi engxenyeni enkulu yonyaka noma unyaka wonke. Amaxhaphozi adume ngamagama amaningi, njengalawa: marshes, bogs, swamps, pans, vleis, floodplains kanye nama-riverbanks angafinyelela ebangeni elingamamitha ayi-10 ngaphansi kwe-flood-mark yeminyaka eyi-10. Amaxhaphozi asekela izinhlobo ezikhethekile zezimila zemvelo ezinjengama-waterlilies nama-hyacinths, imihlanga, incema, uqalo, utshani obumila emaxhaphozini kanye notshani obumila emanzini. Amaxhaphozi adlala indima ehlukahlukile futhi esemqoka kakhulu kwimvelo: asekela ukuphila kwezilwane ezithile, izinhlanzi, izilwane eziphila ezweni nasemanzini (amaxoxo, amadwi), izilwanyana ezincelisayo (umthini wasemanzini kanye namabhiva), izilwane ezihuquzela ngesisu (izingwenya, oxamu, izimfudu), izinambuzane, izinyoni zamanzi kanye nezinyoni eziphila ngokudla izinhlanzi noma lezo eziphila ezimweni zemvelo ezingamaxhaphozi. Amaxhaphozi asebenza njengeziponji ezibambezela amanzi agelezayo, agcwalisa kabusha imithombo yamanzi atholakala ngaphansi komhlaba, avimbela izikhukhula ezingagugula amadolobha namadolobhana ngoba abambezela ukugeleza kwezikhukhula ngenkathi ziyongena emifuleni, ahlanza futhi akhuculule ukungcoliseka kwamanzi ngokucwenga ukungcola okusemanzini futhi izimila zemvelo ezithile zimunca amakhelikhali athile. Izenzo nemisebenzi yabantu sekucekele phansi amaxhaphozi amaningi emhlabeni. Izitshalo ezinjengelayisi zitshalwa emaxhaphozini; futhi kwamanye amaxhaphozi ayakhishwa amanzi ukuze kutholakale umhlaba wokulima izitshalo ezithile; ayavinjelwa amanzi angena emaxhaphozini ngokuthi kwakhiwe izindonga zamadamu kanye nemisele yokunisela futhi ngenxa yalokho agcina eseshile wonke amanzi akhona emaxhaphozi, okuholela ekutheni ome amaxhaphozi futhi agcine esefile; izimayini zikhiqiza amanzi angcolile anobungozi angena emaxhaphozini futhi ngenxa yalokho zigcina sezibalekile noma sezifile zonke izilwane ebeziphila lapho, futhi kusenjalo ubuthi bungena ngaphansi komhlaba buyofinyelela emanzini atholakala ngaphansi komhlaba, okuyinto esabalalisa ukungcoliseka kwamanzi. Eminyakeni eminingi edlule, izishoshovu zokuvikelwa nokulondolozwa kwemvelo zaqaphela ukuthi ngaphandle kwamaxhaphozi i-ekhosistimu yomhlaba isengcupheni enkulu. Ukuvikelwa kwamaxhaphozi ambalwa asele kanye nokuvuselelwa kwalawo asecekeleke phansi sekuwudaba olubekwe eqhulwini emhlabeni jikelele. Engqungqutheleni yase-Ramsar eyabanjwa ngowe-1975 amaxhaphozi athile kuzo zonke izingxenye zomhlaba amanyezelwa njengamaxhaphozi asemqoka kakhulu emhlabeni futhi athola ukuvikeleka okukhethekile. INingizimu Afrika inamaxhaphozi angama-Ramsar sites amaningi impela, njenge-St Lucia estuary, amaxhaphozi ase-Wakkerstroom, kanye ne-Nylsvley eduze kwase-Modimolle. Kuyisibopho nomsebenzi wethu ukungagcini nje kuphela ngokuvikela ama-Ramsar wetlands kodwa ukuvikela wonke amanye amaxhaphozi kuleli lizwe. Ngaphansi kwesandla soMnyango Kazwelonke Wezamanzi, kwasungulwa inhlangano ekhethekile ebizwa nge-“Working for Wetlands” eyathuthukiswa ngaphansi kophiko oluyinhloko olubizwa nge-“Working for Water”. Le nhlangano yasungulwa ngenxa yobambiswano phakathi komkhakha kahulumeni kanye nomkhakha ozimele, futhi seyidlale indima encomekayo impela ekuvikeleni umthombo wethu osemqoka kakhulu, amanzi!