ukukhumuzeka kwamadwala — isiZulu

Ukudleka nokukhumuzeka kwamadwala okubangelwa yisenzo samakhemikhali kanye/noma izimo zemvelo esinjengesimo sezulu esishisayo noma esibandayo kanye nokunye, okuholela ekutheni amadwala kanye nezingcezu zawo kudleke kuze kube yizinhlayiya ezincane noma kube yinto esincibilikile. (Bheka i-“erosion”.) Ukukhumuzeka kwamadwala kwenzeka emhlabeni wonke jikelele ngaphansi kobunjalozwe obuhlukahlukene futhi kwenzeka ngaso sonke isikhathi. Ukukhumuzeka okubangelwa yizimo zemvelo (ukuqhephuka) akusiguquli isimo samakhemikhali ayingxenye yalawo madwala akhumuzekayo, futhi izingcezu zedwala ezihlephukile ziyaqhubeka nokuba nenhlanganisela yamakhemikhali afana ncamashi nedwala ezixebuke kulona. Ukukhumuzeka okubangelwa yisenzo samakhemikhali (decomposition) kubandakanya izinqubo eziphathelene namakhemikhali futhi izinto ezikhumuzekayo zigcina sezinesakhiwo sokwakheka kwamakhemikhali esingafani nesedwala ezixebuke kulona. Ukukhumuzeka kwedwala akubandakanyi ukuguguleka kwezimvithi zedwala elikhumuzekile. (Bheka i-“erosion”.)