isimo sezulu — isiZulu

Amaphethini okujikeleza komoya emkhathini, namazinga okushisa kanye nemvula endaweni ethile esikhathini esifushane, njengosuku noma amahora ambalwa imbala. Kulezi zinsuku isibikezelo sezulu sesikhathi esifushane siyanemba kakhulu, kangangokuthi sithola ulwazi mayelana namazinga okushisa aphezulu kanye naphansi aqondene nosuku oluthile. Ukukhanya kwelanga, imvula noma iqhwa olibona ngaphandle noma nini uma ulunguza efasiteleni, empeleni yisimo sezulu saleyo ndawo ngaleso sikhathi. Isimo sezulu sihlukile kubunjalozwe (climate) ngoba ubunjalozwe yisilinganiso-simo sesikhathi eside. Ubunjalozwe yisilinganiso sesimo sezulu sesikhathi eside, esilinganiselwa eminyakeni engama-20 kodwa-ke kungaba kuhle impela uma lesi silinganiso kuba ngeseminyaka engama-35. (Bheka i-“climate”.)