watershed, umdladlathi noma imfunda yomfula — isiZulu

Umngcele ophakathi kweziziba (bheka i-“drainage basin”) ezimbili ezakhelene noma ezisondelene. Lona wumugqa obonakala ngamehlo engqondo (imaginary line) oxhumanisa izicongo zezindawo eziphakeme eziphakathi kweziziba ezimbili. Imvula ewela ngasohlangothini olulodwa lomugqa obonakala ngamehlo engqondo igeleza ibheke ngasohlangothini olulodwa, bese kuthi imvula ewela ngakolunye uhlangothi nayo igeleze ibheke ngakolunye uhlangothi. Esikhathini esiningi kunzima kakhulu ukubona i-watershed kwi-landscape yoqobo, kodwa-ke amandla omhlaba adonsela izinto phansi (gravity) ayaqinisekisa ukuthi iconsi ngalinye nemvula eliba yingxenye yamanzi emvula agelezayo (amanzi ageleza phezu komhlaba) “lazi” kahle ukuthi kumele ligeleze libheke ngakuluphi uhlangothi. I-contour map ye-watershed ingaboniswa kalula ngokuxhumanisa izicongo zendawo eziphakeme ukuze kwakheke umugqa. I-interpolation ingasetshenziswa ukuthola ubude nokuphakama phakathi kwanoma yimaphi amaphoyinti amabili noma ama-contour lines (bheka i-“interpolation”).