ukuphathwa kwemfucuza — isiZulu

Ukulahlwa ngendlela evikela imvelo kwanoma iyiphi into angasayidingi umuntu. Imfucuza ingaba yinto eqinile (solid), ewuketshezi noma ewumoya. Kungaba yinto eningi futhi eyinqwaba, kepha engenabo ubungozi noma into encane, kodwa enobungozi obukhulu. Lokhu kungenzeka kudinge ukuthi kushiswe ngendlela efanele (bheka i-“incineration”). Eminyakeni eminingi ngaphambi kokuthi umkhakha wokuphathwa kwemvelo wamukeleke njengesifundo esisemthethweni futhi ngaphambi kokuthi kuthuthukiswe izinhlelo zokuphathwa kwemvelo ezididiyelwe, kwasekuqalile kakade ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba ukusetshenziswa kwezinhlelo ezihlukahlukene zokuphathwa kwemfucuza futhi abantu babenza imizamo yokuphatha nokulawula ukulahlwa kwemfucuza. Namuhla, lokhu sekuwumkhakha okhethekile wezokuphathwa kwemvelo. (Bheka i-“environmental management” kanye ne-“hazardous waste”). Kumele uwukhumbule ngaso sonke isikhathi umthetho wemvelo osemqoka kakhulu othi: “there is no away” (“ngeke neze sikwazi ukuhlukana ngokuphelele nezinto ezithile”.