biosphere, umkhathimpilo — isiZulu

Isifunda esisemhlabeni kanye nasemkhathini lapho kutholakala khona izinto eziphilayo. Lesi sifunda sisukela cishe ebangeni elingamamitha ayizi-7 000 ukusuka olwandle, ezindaweni ezingaphakathi emhlabeni kuyofinyelela ngaphezu kwamamitha ayizi-10 000 emajukujukwini olwandle. Qaphela ukuthi lokhu kufaka phakathi izindawo ezisemhlabeni, eziphakathi olwandle kanye nalezo ezisengxenyeni ephansi yomkhathi. Lokhu kungabizwa ngendawo ehlanganisa noma exhumanisa umhlaba, amanzi kanye nomoya, ngamanye amazwi, lesi yisifunda lapho kuhlangana khona izinto eziqinile noma ezijiyile (solid), nezinto eziwumoya kanye nalezo ezingamanzi.