ukufudukela emadolobheni — isiZulu

Inqubo yokukhula kwesibalo sabantu bezwe elithile abahlala amadolobheni namadolobhakazi. Ngonyaka we-1800, bangama-3% kuphela abantu emhlabeni ababehlala emadolobheni, nakuba abantu bevamisile njalo, ngaphansi kwezimo ezithile, ukuthutha bayohlala eduze komakhelwane babo noma eduze komndeni. Ngowezi-2000, babelinganiselwa kuma-50% abantu abahlala emadolobheni emhlabeni, futhi kubukeka sengathi lesi sibalo sizokhuphuka sifinyelele kuma-60% ngaphambi kowezi-2025. Emazweni asethuthukile (bheka ama-“developed countries”) babalelwa kuma-50% abantu abase behlala emadolobheni kusukela ngowe-1950, kodwa-ke lesi sibalo sesikhuphikile futhi lokho kuyinto eyenzeka ngesivinini esikhulu, kanti emazweni asathuthuka (bheka ama-“developing countries”) cishe isigamu sabantu bakulawo mazwe sebehlala emadolobheni. Eminyakeni eyinkulungwane eyadlula, ukuvikeleka yikona okwakwenza abantu baqoke ukuthutha bayohlala kwelinye lamadolobha ayebiyelwe ngezindonga ezinde futhi ayehlinzeka ngokuphepha nokuvikeleka ekuhlaselweni yizitha noma ngamaqembu ezigelekeqe. Kusukela lapho, izizathu zomnotho yizona eseziyimbangela enkulu yokufudukela kwabantu emadolobheni. Izimayini, ukuthuthukiswa kwezimboni kanye nezokukhiqizwa kwempahla sekuvule amathuba omsebenzi futhi ngenxa yalokho-ke abantu bashiya umhlaba wabo ezindaweni zasemakhaya bayosebenza emadolobheni lapho kutholakala khona imisebenzi namatoho angenisa imali. Ukufudukela kwabantu emadolobheni kwenzeke ngesikhathi esifanayo nokukhula kwamadolobha amakhulu. Ngenkathi ukukhula kwamadolobha kulekelela ekuhlinzekweni kwezinsizakalo, ezokuthutha, nendawo yokufihla ikhanda, kusenjalo futhi kudala nobugebengu kanye nazo zonke ezinye izinkinga ezenzeka emadolobheni kanti izindawo zasemakhaya zona zibhekene nenkinga ebangelwa wukuncipha kwabantu. Njengoba abantu abahlala ezindaweni zasemakhaya beyingcosana kangaka, sekumba eqolo ukubahlinzeka ngezinsizakalo futhi lezo ezikhona ziyingcosana kakhulu, okuphoqelela abantu ukuthi bavakashele emadolobheni uma bedinga izinsizakalo ezinjengosizo lokwelashwa, imfundo, usizo longoti emikhakheni ehlukahlukene, usizo oluphathelene nezimali nokuhwebelana, kanye nezinye izinsizakalo. Ukuncipha kakhulu kwesibalo sabantu abalimayo sekuholele ekuncipheni kokudla okukhiqizwayo emazweni asathuthuka. Emazweni asethuthukile, umkhiqizo wezolimo akawinciphi ngoba phela imishini yokulima seyithathe indawo yabasebenzi basemapulazini. Ukufudukela kwabantu emadolobheni kudala izinkinga ezihlukahlukene, kukho kokumbili, izindawo ezisemadolobheni kanjalo nezindawo ezisemakhaya, kodwa-ke lezo yizinkinga okumele umhlaba uzame ukuzitholela ikhambi ngoba kuyacaca ukuthi ayohlala ekhona amadolobha amakhulu futhi kusazoqhubeka nokuncipha kwabantu ezindaweni zasemakhaya.