biome, umphakathi omkhulukazi wezilwane nezitshalo ezitholakala endaweni ethile — isiZulu

Impilandawonye enkulukazi, yomhlaba wonke (bheka i-“ecosystem”). Igama le-biome ngayinye livela kulolo hlobo lwezitshalo olutholakala kakhulu endaweni ethile. Ngakho-ke, phakathi kokunye, kukhona odedangendlale bezimfunda ezonotshani (temperate grassland), amathafa angenazo izihlahla (tundra), amahlathi kaphayini (coniferous forest), kanye nezilwane nezitshalo ezitholakala ogwadule olufudumele (warm desert biomes). Izimongqangi zemvelo okuyizona ezilawula imvelo yanoma iyiphi i-biome yisimo sezulu kanye nohlobo lomhlabathi. I-biome ingatholakala kwizwekazi lonkana noma engxenyeni enkulu yezwekazi. Ama-biomes anjengalawa atholakala kumazwekazi amaningi ahlukahlukene, isibonelo, e-Afrika, Australia, North America, South America, nase-Asia. Ugwadule olubandayo kanye nama-tundra kutholakala ezingxenyeni ezisenyakatho yezwekazi lase-Europe, Asia, North America kanye nasezindaweni ezisonqenqemeni oluseningizimu lwezwekazi lase-South America. Izinkangala (savannahs), ama-grasslands, ama-equatorial forests kanye nama-tropical east coast forests kutholakala emazwekazini amaningi impela, ikakhulukazi engxenyeni enkulukazi yesifunda sase-Afrika.