izinkinga zokuthutha — isiZulu

Ubunzima obubhekene nabantu kanye nezimpahla mayelana nokuhamba noma ukuthuthwa besuka endaweni ethile beya kwenye (besuka kuphoyinti A beya kuphoyinti B). Izinto zemvelo ezinjengamabanga amade, izintaba, imifula namachibi konke kungadala izinkinga kwezokuthutha, kodwa lezi zinkinga zingaxalululwa ikakhulukazi ngobuchwepheshe besimanje manje. Kodwa-ke ukuqubuka kwentabamlilo kungakhafula uthuli lwentabamlilo oluhlala izinsuku ngezinsuku noma amaviki amaningi emkhathini, futhi amabhanoyi anezinjini zohlobo lwe-jet (turbo-prop) awakwazi ukundiza ngaphansi kwezimo ezinjalo. Ukuqubuka kwentabamlilo okwenzeka kwelase-Iceland ngowezi-2012 kwabangela ukuthi kumiswe zonke izinkambo zezindiza e-Europe, futhi lokhu kwaqhubeka izinsuku eziningana impela, okuyinto eyadala izinkinga zokuthutha ezinkulu emazweni ngamazwe. Isitimela esiphaphalaze emzileni waso, singaphazamisa ezokuthutha esifundeni kuze kuphele amaviki ngamaviki. Nsuku zonke, abantu emhlabeni wonke jikelele bavamise ukuhlangabezana nezinkinga zokuthutha endaweni abahlala kuyona noma abasebenza kuyona ngenxa yesiminyaminya sezimoto emgwaqeni yasemadolobheni. ENingizimu Afrika, izitimela, amabhasi kanye namakhumbi kuwumgogodla wezokuthuthwa kwabagibeli kuwo wonke amadolobha akuleli. Iziteleka zezinyunyana, imibhikisho kanye nokukhuphuka kwemali yokugibela kuvamise ukudala izinkinga zokuthutha ezinomthelela omubi emnothweni wonkana futhi abasebenzi abasebenzisa izinto zokuthutha kuyenzeka bahluleke ukuya emsebenzini kuze kuphele izinsuku eziningi impela, ngalokho-ke balahlekelwe ngumholo wezinsuku abafikanga ngazo emsebenzini. Uma betelekile abashayeli bamaloli, iminotho eminingi iyama nse.